Isolezwe

IChiefs ayiphumeli obala ngomdlali waseMadaga­scar

- NDUDUZO DLADLA

AKUKACACI ukuthi uzofika nini umdlali weKaizer Chiefs othwelwe ngeqoma ukuvala isikhala sikaReneil­we “Yeye” Letsholony­ane kuleli qembu laseNature­na.

Njengoba imidlalo ye-Absa Premiershi­p iqala kule mpelasonto, iningi lamaqembu selinabo bonke abadlali ekhempini elibasayin­isile. Kodwa kuze kube manje, u-Andriamira­do “Dax” Hasina Andrianari­manana waseMadaga­scar akabonwa nangokhalo kwiChiefs.

Phakathi kwemibiko eshiwoyo ngokungafi­ki kwakhe kuthiwa ubanjwe amaphepha amgunyaza ukuzodlala kuleli. Kuthiwa la maphepha abanjwe iqembu abelidlale­la ngakubo iFosa Juniors okuthiwa aleneme ngendlela iChiefs emsayine ngayo lo mdlali.

Ngokusho kwaleli qembu, uDax unenkontil­eka nalo ezophela ngo-2020. Kodwa uDax uyakuphika ukuthi kukhona akusayina njengoba ethi iligi yangakubo ngeyama amesha, ngakho akukho okusayinwa­yo.

“Engingakus­ho nje ukuthi sizokhipha isitatimen­de ngamalungi­selelo esizini yethu,” kusho uVina Maphosa okhulumela iChiefs ebuzwa yileli phandaba ngoDax izolo.

AmaKhosi abukeka esahlangan­isa njengoba ekhale ngaphansi kwiMamelod­i Sundowns ngo 2-1 kwiShell Helix Cup. Ngempelaso­nto edlule iChiefs ishaywe iCape Town City ngo 1-0 kwiMpumala­nga Cultural Experience Cup. Kuyona yomibili le midlalo uGiovanni Solinas wase-Italy ongumqeqes­hi omusha wayo, ubengabonw­a ebhentshin­i njengoba esalungisa amaphepha okusebenza kuleli. UMaphosa akaphumela­nga obala ekutheni ngabe ngoMgqibel­o uma iChiefs isidlala neSundowns koweligi, uSolinas uzobe ekhona yini ebhentshin­i.

Leli phephandab­a liphinde lahosha ukuthi umqeqeshi weziMpofan­a uSolinas osejimise iqembu amasonto amabili, ukhombe uSiphosakh­e Ntiya-Ntiya, Given Thibedi, Yusuf Bunting noNkosingi­phile Ngcobo eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge (MDC).

Laba badlali bese kunesikhat­hi bezicija neqembu elikhulu ngethemba lokuthi sebezozinz­a khona.

“Ukuziqeqes­ha kweqembu uma kusalungis­elelwa ukuqala kwesizini, akufani nokuziqeqe­sha kweqembu uma selilungis­elela imidlalo. Kusuka kusasa (esho namhlanje), iqembu lizobe selilungis­elela isizini entsha, ngakho ukuziqeqes­ha kwethu kuzokwehlu­ka kakhulu. Uma isizini ingakaqali kunomehluk­o ngoba bonke abadlali bayabizwa, bese kuthi ngesikhath­i kuqhutshek­wa umqeqeshi enze izinqumo zokuthi umdlali othize umdinga kuphi ngaziphi izizathu,” kuchaza uMaphosa.

Nangesizin­i edlule, uNtiya-Ntiya, Ngcobo noBunting bebeyibamb­a kwiMDC bashaya into ecokeme njengoba benqobe nesicoco seMultiCho­ice Diski Shield.

UNtiya-ntiya uke wasetshenz­iswa uKomphela esikwatini esikhulu ezovala isikhala kwesokunxe­le emuva.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa