Uvuke kwiMbombela ochithwe iBaroka
UTHOLE ikhaya elisha kwiMbombela United kwiNational First Division (NFD) umgadli, uLucky Nguzana, ochithwe yiBaroka FC ekupheleni kwesizini ka-2017/2018.
UNguzana, owayesenkulisa yeMamelodi Sundowns, usesayinile kwiMbombela ngokusho komqeqeshi wayo omusha, uMilton Dlamini. Ubekade edlala kuleli qembu ngempelasonto edlule ngesikhathi lihlula iTS Galaxy kaTim Sukazi ngo 7-6 kumaphenathi emdlalweni weMpumalanga Cultural Experience, eMbombela Stadium.
Ngaphandle kukaNguzana, iMbombela ishaya ngabadlali abasha okukhona unozinti weqembu lesizwe laseSwaziland, uSandile Ginindza nomgadli uFelix Badenhorst owayefunwa yiKaizer Chiefs.
Kukhona noPhumelele Bhengu obeyibamba kwiRoyal Eagles ngesizini edlule. UDlamini uthe bekubaphoqa ukuthi ekushayeni amagoli,” kusho uDlamini. “Phambili sinabadlali abanamava uNguzana, Badenhorst, noThabo Masiya. Ukuthi nje siqale ukwakha emuva. Manje sekufanele sishitshe silungise ukuhlasela. Kuwumsebenzi oqhubekayo. Nginesikhathi esanele, amasonto amabili okusebenza ekushayweni kwamagoli. IMbombela izovula isizini yeNFD ka-2018/2019 ne-University of Pretoria esanda kuxosha umqeqeshi uShaun Bartlett. Wonke amathemba alele kuDlamini obeyiphini likaRoger De Sa kwiPlatinum Stars egawulwe yizembe kwiAbsa Premiership. “Ngiyazi ukuthi bashintshe umqeqeshi ngakho asikwazi ukulindela ibhola elifana nelangesizini edlule ngoba uShaun akasekho. Omunye umqeqeshi uzofika nendlela ehlukile