Unethemba ngesizini entsha yePremiership
KUQHILIKA izihlathi kumqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, obona iqembu lakhe lizokwenza kangcono kunangesizini edlule.
ICity ngelinye lamaqembu ahluleke sekubhekwe entanjeni yokucacisa umpetha we-Absa Premiership ngesizini ka-2017/2018 egcine idliwe yiMamelodi Sundowns. Nokho ngesizini yokuqala engumqeqeshi, uMcCarthy ukwazile ukufaka iThe Citizens kowamanqamu weMTN8 ehlulwe kuwona yiSuperSport United. ICity eqede endaweni yesihlanu kwi-log, ngempelasonto ihlule iKaizer Chiefs ngo 1-0 wegoli likaCraig Martins emqhudelwaneni iMpumalanga Cultural Experience, eMbombela Stadium, eMpumalanga.
ICity idlalise abadlali bayo abasha okukhona kubona uGift Links, Riyaad Norodien obekwiOrlando Pirates noSiphelele Mthembu obekwiFree State Stars.
“Siqine kakhulu kunangesizini edlule. Ngibone ukulamba nokulangazelela kubadlali. Abadlali abasha bamukelwe kahle, bazizwa besekhaya. Bakwazile ukujwayela ngokushesha. Njengomqeqeshi lezi yizinto ofuna ukuzibona. Ngijabule ngezinga elikhonjiswe yiningi labadlali,” kusho uMcCarthy.
“Ngokwenzeke ngesizini edlule ngifundile ukuthi kufanele ngicacise kahle izinto, ngiqonde ngqo uma ngidlulisa imiyalelo kubadlali. Ngesizini edlule bekusafanele bayibambe indlela engifuna sidlale ngayo nokuthi ngifuna ukusebenza kanjani. Ngicabanga ukuthi kule sizini nami ngibuyele emuva ngayobheka ukuthi kwamina ngingalungisa kuphi njengomqeqeshi ngendlela yokubavumela badlale nemiyalelo engibanika yona. Manje sengishintshile kancane. Sengibone izinguquko ezinhle. Kufanele kube ngcono kule sizini kunangesizini edlule. Abadlali sebeyayiqonda imibono yami nalapho iqembu elibheke khona. Sizokufaka ukushisa kule sizini.” Ekupheleni kwesizini edlule, iCity ilahlekelwe ngukaputeni uRobyn Johannes osegijima kwiBidvest Wits. Izoqala isizini ngaphandle kukaLyle Lakay osekwiMamelodi Sundowns. Nakuba uMcCarthy bekukade kuyisizini yakhe yokuqala eqeqesha kodwa uzanelisile izikhulu ngendlela iqembu elidlale ngayo. Uthe kule sizini akabafuni abadlali abaphenduka izibukeli ebhentshini uma bengasitholanga isikimu. “Angibafuni abadlali abazothi uma bengawuqalanga umdlalo bazitshele ukuthi abayona ingxenye yomdlalo. Manje ngifuna abadlali abagxilisa imiqondo yabo enkundleni, bazi ukuthi kwenzekani phakathi ngoba angifuni ukuthi uma ngimfaka ngilokhu ngimchazela izinto eziningi. Abadlali kufanele babuke umdlalo njengoba abaqeqeshi bewubuka, bahlaziye izindawo zabo nezimbangi ukuze uma bengena bezokwenza umehluko baliqinise