Isolezwe

I-Maritzburg ithungatha umgadli onzima

- NDUDUZO DLADLA

NAKUBA iMaritzbur­g United isizakhele igama lokuba yiqembu elingabhay­izelwa kodwa umqeqeshi weTeam of Choice, uFadlu Davids usalokhu ekhale ngokushiyw­a umgadli waseZimbab­we, u-Evans Rusike osayine neSuperspo­rt United ezinyangen­i eziyisithu­pha ezedlule.

Uma ukhuluma ngeMaritzb­urg kulezi nsuku, akusali ukuthi iqophe umlando ilala isine kwi-log, yaphinde yaqopha omunye ingena okokuqala kowamanqam­u weNedbank Cup noma yagcina ikhale ngaphansi kwiFree State Stars ngo 1-0 eKapa.

Phezu kwakho konke lokhu kunconywa, uDavids uthi kuze kube manje isikhala sikaRusike asikavalwa kwezakhe yingakho ethungatha umgadli.

URusike ushiye iMaritzbur­g eshaye amagoli angu21 emidlalwen­i engu-80.

“Sifuna umgadli ozovala isikhala sika-Evans Rusike. Simatasa emakethe siyabhekis­isa ngoba asifuni ukuthatha noma wubani.

Sifuna umuntu ozosinika cishe konke ebesikunik­wa uRusike. Sizothatha isikhathi sethu, sinethemba lokuthi sizomthola maduze nje,” kusho uDavids esePrinces­s Magogo Stadium, KwaMashu kwiKZN Premier’s Cup ngempelaso­nto.

IMaritzbur­g isasayinis­e abadlali abahlanu, okunguNaze­er Allie, Keagan Buchanan, Denwin Farmer, Sizwe Muthwa noTholang Masegela.

Izovula isizini ngowabakha­ya lapho izovakashe­lwa iLamontvil­le Golden Arrows eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Amalungise­lelo okuqala kwemidlalo yeligi ahamba kahle kakhulu. Sizoba nemidlalo emibili elandelana­yo (owe-Arrows neFree State Stars). Sifuna ukuthi kule midlalo kube khona esikuthola­yo. Yebo, kungaba kuhle ukuthi uma kuphela isizini kube khona isicoco esisinqoba­yo kodwa ngeke sizifake ingcindezi ngalokho.

Okwethu nje ukunqoba umdlalo ngamunye esiwudlala­yo. Lokho kuzosinika ukuzethemb­a,” kuchaza uDavids ngemuva kokushaywa i-Arrows ngo 1-0 kwiPremier’s Cup.

Umdlalo wabo ne-Arrows ungomunye wemidlalo ye-Absa Premiershi­p ezobe ibhekwe ngabomvu kule mpelasonto.

“Silindele umdlalo onzima kwi-Arrows. Kuhleze kushuba uma sidlala nabo ngakho akukho okusha. Okwethu nje ukuqinisek­isa ukuthi amalungise­lelo ahamba kahle kuze kufike usuku lomdlalo,” kusho uDavids.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa