Izinkinga zomsamo zimenze waguqula isibongo owaMaZulu
ISIBABULI somdlali waMaZulu FC, uSiyethemba Mnguni oseshintshe isibongo njengoba esezibiza ngoSithebe, sithi izinkinga zasemsamo yizona eziholele kulolu guquko.
Ngokwejwayelekile nxa owesilisa eshintsha isibongo, kuyaye kube ukuthi usuka kwesakoninalume, aye kwesikayise. Kodwa uSiyethemba wenze okungajwayelekile ebuyela kwesakoninalume.
Engxoxweni ekhethekile uSithebe abe nayo neSolezwe, uSuthu luqeda ukuqukula isicoco seKZN Premier’s Cup okokuqala, uyichazile eyokushintsha isibongo sakhe.
“Sikhula sikholelwa emasikweni ahlukene. Nokho ngithe ngiya ngokukhula kwavela izinkinga. Empeleni komalume kukwaSithebe bese kuthi isibongo sikababa kube uMnguni.
Kodwa ukucacisa nje mina ngikhule kwaSithebe, nokho ngabiza isibongo sikababa okunguMnguni. Ngenxa yokuthi kukhona okungenzekanga, ngibe sengiba nezinkinga, okuholele ekutheni ngibuyele emuva,” kuchaza le nsizwa yemiyeko egqoka ijezi unombolo 14.
USithebe ushaye into ecokeme ngesizini edlule, ekubeni kade kuyisizini yakhe yokuqala kwi-Absa Premiership. Umdlalo agqama kuwona ingesikhathi uSuthu lushaya iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 ngoFebhuwari nonyaka ngesizini edlule kwiAbsa Premiership.
“Ngizoqhubeka lapho ngigcine khona ngesizini edlule. Kubalulekile ukudlala ngendlela efanayo nangokwedlulele ngoba abalandeli balindele lokho kimina.
Kodwa ngiphushela ukuthi okungenani kube khona isicoco esisodwa esisitholayo siyiqembu,” usho kanje uSithebe.
AmaZulu azovula neBaroka FC ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium ngo 8.15 ebusuku.
“Sizobhekana neqembu eligijimayo iBaroka kodwa ukudlala kwiPremier’s Cup kusisizile kakhulu ngoba sikwazile ukubona abadlali futhi nangokomqondo babonakala sebesesimweni esihle.
Sekusele izinto ezimbalwa nje ukuthi sizihlanganise maphakathi nesonto, noma kanjani izoshaya impelasonto sesiwulungele umdlalo,” kusho umqeqeshi waMaZulu uCavin Johnson. ngemuva kokunqoba isicoco seKZN Premiers Cup.