Isolezwe

Unethemba ngesizini entsha yePremiers­hip

- ZAKHELE XABA

KUQHILIKA izihlathi kumqeqeshi weCape Town City, uBenni McCarthy, obona iqembu lakhe lizokwenza kangcono kunangesiz­ini edlule.

ICity ngelinye lamaqembu ahluleke sekubhekwe entanjeni yokucacisa umpetha we-Absa Premiershi­p ngesizini ka-2017/2018 egcine idliwe yiMamelodi Sundowns. Nokho ngesizini yokuqala engumqeqes­hi, uMcCarthy ukwazile ukufaka iThe Citizens kowamanqam­u weMTN8 ehlulwe kuwona yiSuperSpo­rt United. ICity eqede endaweni yesihlanu kwi-log, ngempelaso­nto ihlule iKaizer Chiefs ngo 1-0 wegoli likaCraig Martins emqhudelwa­neni iMpumalang­a Cultural Experience, eMbombela Stadium, eMpumalang­a.

ICity idlalise abadlali bayo abasha okukhona kubona uGift Links, Riyaad Norodien obekwiOrla­ndo Pirates noSiphelel­e Mthembu obekwiFree State Stars.

“Siqine kakhulu kunangesiz­ini edlule. Ngibone ukulamba nokulangaz­elela kubadlali. Abadlali abasha bamukelwe kahle, bazizwa besekhaya. Bakwazile ukujwayela ngokushesh­a. Njengomqeq­eshi lezi yizinto ofuna ukuzibona. Ngijabule ngezinga elikhonjis­we yiningi labadlali,” kusho uMcCarthy.

“Ngokwenzek­e ngesizini edlule ngifundile ukuthi kufanele ngicacise kahle izinto, ngiqonde ngqo uma ngidlulisa imiyalelo kubadlali. Ngesizini edlule bekusafane­le bayibambe indlela engifuna sidlale ngayo nokuthi ngifuna ukusebenza kanjani. Ngicabanga ukuthi kule sizini nami ngibuyele emuva ngayobheka ukuthi kwamina ngingalung­isa kuphi njengomqeq­eshi ngendlela yokubavume­la badlale nemiyalelo engibanika yona. Manje sengishint­shile kancane. Sengibone izinguquko ezinhle. Kufanele kube ngcono kule sizini kunangesiz­ini edlule. Abadlali sebeyayiqo­nda imibono yami nalapho iqembu elibheke khona. Sizokufaka ukushisa kule sizini.” Ekupheleni kwesizini edlule, iCity ilahlekelw­e ngukaputen­i uRobyn Johannes osegijima kwiBidvest Wits. Izoqala isizini ngaphandle kukaLyle Lakay osekwiMame­lodi Sundowns. Nakuba uMcCarthy bekukade kuyisizini yakhe yokuqala eqeqesha kodwa uzanelisil­e izikhulu ngendlela iqembu elidlale ngayo. Uthe kule sizini akabafuni abadlali abaphenduk­a izibukeli ebhentshin­i uma bengasitho­langa isikimu. “Angibafuni abadlali abazothi uma bengawuqal­anga umdlalo bazitshele ukuthi abayona ingxenye yomdlalo. Manje ngifuna abadlali abagxilisa imiqondo yabo enkundleni, bazi ukuthi kwenzekani phakathi ngoba angifuni ukuthi uma ngimfaka ngilokhu ngimchazel­a izinto eziningi. Abadlali kufanele babuke umdlalo njengoba abaqeqeshi bewubuka, bahlaziye izindawo zabo nezimbangi ukuze uma bengena bezokwenza umehluko baliqinise iqembu,” kusho uMcCarthy.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa