I-Maritzburg ithungatha umgadli onzima
NAKUBA iMaritzburg United isizakhele igama lokuba yiqembu elingabhayizelwa kodwa umqeqeshi weTeam of Choice, uFadlu Davids usalokhu ekhale ngokushiywa umgadli waseZimbabwe, u-Evans Rusike osayine neSupersport United ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.
Uma ukhuluma ngeMaritzburg kulezi nsuku, akusali ukuthi iqophe umlando ilala isine kwi-log, yaphinde yaqopha omunye ingena okokuqala kowamanqamu weNedbank Cup noma yagcina ikhale ngaphansi kwiFree State Stars ngo 1-0 eKapa.
Phezu kwakho konke lokhu kunconywa, uDavids uthi kuze kube manje isikhala sikaRusike asikavalwa kwezakhe yingakho ethungatha umgadli.
URusike ushiye iMaritzburg eshaye amagoli angu21 emidlalweni engu-80.
“Sifuna umgadli ozovala isikhala sika-Evans Rusike. Simatasa emakethe siyabhekisisa ngoba asifuni ukuthatha noma wubani.
Sifuna umuntu ozosinika cishe konke ebesikunikwa uRusike. Sizothatha isikhathi sethu, sinethemba lokuthi sizomthola maduze nje,” kusho uDavids esePrincess Magogo Stadium, KwaMashu kwiKZN Premier’s Cup ngempelasonto.
IMaritzburg isasayinise abadlali abahlanu, okunguNazeer Allie, Keagan Buchanan, Denwin Farmer, Sizwe Muthwa noTholang Masegela.
Izovula isizini ngowabakhaya lapho izovakashelwa iLamontville Golden Arrows eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu ngeSonto ngo-3 ntambama.
“Amalungiselelo okuqala kwemidlalo yeligi ahamba kahle kakhulu. Sizoba nemidlalo emibili elandelanayo (owe-Arrows neFree State Stars). Sifuna ukuthi kule midlalo kube khona esikutholayo. Yebo, kungaba kuhle ukuthi uma kuphela isizini kube khona isicoco esisinqobayo kodwa ngeke sizifake ingcindezi ngalokho.
Okwethu nje ukunqoba umdlalo ngamunye esiwudlalayo. Lokho kuzosinika ukuzethemba,” kuchaza uDavids ngemuva kokushaywa i-Arrows ngo 1-0 kwiPremier’s Cup.
Umdlalo wabo ne-Arrows ungomunye wemidlalo ye-Absa Premiership ezobe ibhekwe ngabomvu kule mpelasonto.
“Silindele umdlalo onzima kwi-Arrows. Kuhleze kushuba uma sidlala nabo ngakho akukho okusha. Okwethu nje ukuqinisekisa ukuthi amalungiselelo ahamba kahle kuze kufike usuku lomdlalo,” kusho uDavids.