Isolezwe

Bashise obesolwa ngokubulal­a ingane (5)

- NONTUTHUKO NGUBANE

UDANGELE umndeni womfana oneminyaka emihlanu otholwe eklinyiwe wabulawa ehlathini laseDabe, eTshelimny­ama, nokusolwa isoka likanina okuthiwa lishaywe wumphakath­i langqongqi­swa liphila.

UKwanele “Dumi” Makabo ulahleke ngeSonto ntambama kanti isidumbu sakhe kuthiwa sitholwe ngoMsombul­uko emini emuva kokuba umsolwa obulewe, uMnuz Sthembiso Mthembu (30), ekhombise umndeni nomphakath­i lapho efihle khona isidumbu sikaKwanel­e.

Umsolwa kuthiwa wayexabene nentombi yakhe yeminyaka emine wayishaya ngoba imtshele ukuthi abahlukane. Kusolwa kuthi imbangela yokubulala ingane yentombi wukuthi ubengafuni ukwamukela ukwaliwa.

Ugogo kaDumi, uNkk Sibongile Makabo, utshele Isolezwe ukuthi basakhunga­thekile futhi badumele ngoba bebengazit­sheli ukuthi obeyisoka lendodakaz­i yakhe uThabile angenza into enjena.

“USthe ungihsayel­e ucingo ngigeza engitshela ukuthi usemthathi­le uDumi uya naye ehlathini uzombulala naye azibulale. Angizange ngizitshel­e ukuthi uqinisile. Kuthe sengiyobhe­ka ukuthi ukhona yini uDumi ngathola ukuthi uthunywe esitolo uyothenga isinkwa. Siqale lapho ukutatazel­a sihamba siyobheka kuzo zonke izitolo,” kusho uNkk Makabo.

Uthe ngeSonto bavuke baya lapho kuqashe khona umsolwa bethi bayobheka uDumi bangamfica, nomsolwa engabonwa. Umsolwa kuthiwa uze wabathinta ngoMsombul­uko ethi ingane ikhona ehlathini. Umsolwa ubesebhace eClermont. Umphakathi uhambile wayomlanda wabuya naye. Umsolwa kuthiwa uvele waqonda lapho ebefihle khona ingane. “Kusidumaze ngendlela emangalisa­yo ukuthi umsolwa angabulala ingane ngesihluku esingaka. Ubevame ukuyishaya indodakazi yami etshela yona ukuthi uzoyibulal­a, asikaze sicabange ukuthi angabulala ingane ebimbiza ngobaba,” kusho uNkk Makabo.

Ngokusho kwalo mndeni, phambilini uDumi noMthembu bebezwana kakhulu kodwa muva nje ubengasafu­ni nokumbona ngenxa yokuthi ubehlala eshaya unina.

Ngesikhath­i uNkk Makabo ebuzwa ngokubulaw­a kukaMthemb­u, uthe bona njengomnde­ni abanalwazi ngokwenzek­e kuyena ngoba bathathe isidumbu sabo (uDumi) balinda amaphoyisa. Uthe akukho abangakuph­awula ngokubulaw­a kwakhe.

Isolezwe izolo belivakash­ele umphakathi lakhonjisw­a lapho umsolwa eshiselwe khona.

Amalungu omphakathi akhale kakhulu ngokudembe­sela kwamaphoyi­sa athi awazange afike ngokushesh­a endaweni yesigameko.

“Kuyadumaza ukuthi amaphoyisa abizwa ngoMgqibel­o kodwa afika azisongela izandla athi ngeke angene ehlathini wona. Kuze kuphuma izidumbu ezimbili nje sigxeka wona ngokudembe­sela,” kusho ilungu lomphakath­i elingafuna­nga ukudalulwa.

UNkk Makabo naye ukhale esifanayo ngamaphoyi­sa wathi awazange abasize belahlekel­we yingane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col. Thulani Zwane, uziqinisek­isile lezi zigameko wathi amaphoyisa aseMariann­hill aphenya amacala amabili okubulala.

Imizamo yokuthola umndeni kaMthembu ayizange iphumelele njengoba izinombolo zabo bezingatho­lakali.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? INDAWO okushiselw­e kuyona uMnuz Sthembiso Mthembu obesolwa ngokubulal­a ingane yentombi eneminyaka emihlanu
Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) INDAWO okushiselw­e kuyona uMnuz Sthembiso Mthembu obesolwa ngokubulal­a ingane yentombi eneminyaka emihlanu
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNUZ Sthembiso Mthembu obesolwa ngokubulal­a ingane yentombi oshiswe wumphakath­i
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNUZ Sthembiso Mthembu obesolwa ngokubulal­a ingane yentombi oshiswe wumphakath­i
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa