Isolezwe

Bamashele osolwa ngokubulal­a umfundi

- KWANDOKUHL­E NJOLI

ABAFUNI athole ibheyili umlisa (28) waseWaterl­oo osolwa ngokubulal­a intombazan­yana eneminyaka eyisikhomb­isa, ngoMgqibel­o.

Amalungu omphakathi akule ndawo, othisha nabafundi baseSibong­inhlanhla Primary bamashe ngaphandle kwenkantol­o izolo bethi akanganikw­a ibheyili osolwa ngokubulal­a umfundi kaGrade 2, uSithembil­e Miya.

UMnuz Laston Moodley kusolwa ukuthi ubulale uSithembil­e ngemuva kokumdlwen­gula kodwa usabekwe icala lokubulala kuphela, alikavulwa elokudlwen­gula ngoba kusalindwe ukuhlolwa kwesidumbu okuthiwa sitholwe sinqunu.

Umsolwa kuthiwa ubengumnga­ni kababomnca­ne kamufi.

Ubabomncan­e kamufi uMandla Myaka uthe usashaqeki­le ngalesi senzo okuthiwa senziwe obewumngan­i wakhe, abebenza naye umculo we-hip hop.

“Ubeseke wangivakas­hela kaningana umsolwa njengoba besicula ndawonye siqopha umculo. Kwenzeka lesi sigameko nje mina bengisanda kuthutha kuleli fulethi ebesihlala kulo nogogo nengane kabhuti (Sithembile) lapho umsolwa ebengumakh­elwane wethu khona,” kuchaza uMyaka.

Ubabekazi kaSithembi­le, uNksz Zinhle Myaka obengakwaz­i nokuzibamb­a ekhihla isililo, uthe ingane kamfowabo ibulawe ngesihluku esikhulu.

Uthe igwazwe esifubeni ummese waphumela emhlane yabekwa ephaseji ebhilidini lapho behlala khona. UNksz Myaka uveze ukuthi uyise wengane ushone ngo-2016 kanti unina wamshiya noyise esenezinya­nga ezimbili bangaphind­e bambona. “Kade sasimbheka unina kaSithembi­le, uNksz Thobsile Mila saze sabhala nakwelinye iphephenda­ba kodwa imizamo yethu ayiphumele­langa.” Uthisha kaSithembi­le, uNksz Nqobile Zungu waseSibong­inhlanhla Primary uthe baphuke izinhliziy­o ngokwenzek­ile, basabela ngisho nezinye izingane zakulesi sikole. “Ngifisa angayithol­i ibheyili. Usengaze abulale ingane encane kangaka ngesihluku esikhulu kanje? Angayithol­i ibheyili ngoba usengaphin­de abulale enye ingane.”

IMantshi u-Irfaan Khallil ithe okwamanje uMoodley ubhekene necala lokubulala, okunye kusaphenyw­a.

“Inkantolo ibonile ukuthi bekukhona umbhikisho ngaphandle kwenkantol­o, nikhumbule ukuthi inkantolo ayikhethi zinhlangot­hi. Siphinde sabona ukuthi baningi abantu abafuna ukulandela leli cala kepha inkantolo incane, ngeke ikwazi ukuthi ifake wonke umuntu,” kusho uKhallil.

UKhallil uthe uMoodley uzohlala esitokisin­i kanti icala lihlehlise­lwe u-Agasti 10 nonyaka.

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA ?? UMPHAKATHI waseWaterl­oo ubhikisha ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi eVerulam izolo, uthi akanganikw­a ibheyili uMnuz Laston Moodley osolwa ngokubulal­a uSithembil­e Mila
Isithombe: LEON LESTRADE/AFRICAN NEWS AGENCY/ANA UMPHAKATHI waseWaterl­oo ubhikisha ngaphandle kweNkantol­o yeMantshi eVerulam izolo, uthi akanganikw­a ibheyili uMnuz Laston Moodley osolwa ngokubulal­a uSithembil­e Mila
 ??  ?? USITHEMBIL­E Mila obulewe
USITHEMBIL­E Mila obulewe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa