I-IFP neqhinga lokwehlisa intengo kaphethroli
UMKHULUMELI we-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa bathe ufuna uhulumeni akumise ukukhokhwa kwentela kaphethroli, okukhona kuyo nesiza abalimele ezingozini zomgwaqo.
UHlengwa usho lokhu esithangamini sabezindaba emahhovisi e-IFP, eThekwini izolo.
Uthe uma sekumisiwe ukukhokhwa kwentela kaphethroli bafuna kube nophenyo ngokusebenza kwesikhwama esisiza abalimele ezingozini zomgwaqo, iRoad Accident Fund (RAF) ngoba imali iphethwe budlabha kulesi sikhwama.
“Abantu baseNingizimu Afrika bakhokha uR5.30 wentela kaphethroli kwilitha ngalinye. Akufanele bakhokhe imali engaka ngoba nentela ekhokhwa uma uthenga izimpahla inyukile yaya ku-15%, kwanyuka ukudla nenye intela ehlukene. Abantu badonsa kanzima yingakho sifuna uhulumeni akumise ukukhokhwa kwentela kaphethroli,” kusho uHlengwa.
Mayelana nokuthi uma ingakhokhwa intela bazonxeshezelwa ngani abalimele ezingozini nezinye izidingo ezenziwa ngale mali, uthe: “Sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni abophe izifociya ngoba abantu sebezibophe ngokwanele.
Yonke into inyukile. Uhulumeni kufanele ehlise isibalo samanxusa akwamanye amazwe ngoba kumba eqolo ukusebenza kwamahhovisi awo, kufanele adayise amasheya athile ezinkampanini zakhe ezifana neSAA ne-Eskom ukuze zenze imali. Akufanele abantu bakhokhe imali yokutakula lezi zinkampani ngoba abasenayo imali,” kusho uHlengwa.
Uthe izitimela uhulumeni angazilawula ngoba zithutha iningi labantu abampofu akufani namabhanoyi athutha abantu abanemali.
UHlengwa uthe bazohambela imizi ehlukene, amarenki amatekisi nazo zonke izindawo becela abantu ukuthi basayine incwadi yezikhalo yokuthi uhulumeni amise ukukhokhwa kwentela kaphethroli.
Ucele abantu ukuthi baphume ngobuningi baseke i-IFP ngoAgasti 30 bamashele ukunyuswa kukaphethroli.
“Siyababona abanye sebeqalile ukumasha ekubeni yithina esasho kuqala ukuthi kufanele kumiswe ukukhokha intela kaphethroli. Siyacela abantu baphume ngobuningi babo basiseke ngoba izindleko zokuphila zinyukile ngenxa yentela kaphethroli nokuthi uhlale unyuka njalo,” kusho uHlengwa.
UNobhala we-IFP KwaZuluNatal, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe akusiyo inhlanhla ukuthi i-IFP izihambela phambili okhethweni lokuchibiyela njengoba iwathatha ama-ward.
“Besinohlelo lokuya kubantu sizwe izidingo zabo, yingakho sizidlela ama-ward ngisho i-ANC isikwamukelile ukuthi siyawathatha ama-ward kuyona. Sizoqinisekisa ukuthi lo mgqigqo uyaqhubeka nasokhethweni lukazwelonke. Izinhlelo zethu sizozimemezela ngesikhathi esifanele. Siyabonga ukuthi abantu bayasithemba futhi sizoqhubeka nokubhekela izidingo zabo,” kusho uHlabisa.
Umholi we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi uthe abahambisani nodaba lokubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ngoba lokho kuzodala izinkinga eziningi.
Uthe uhlelo lokubuyiswa komhlaba ngesinxephezelo lwalusebenza futhi lulandela uMthethosisekelo kodwa ngabantu ababeluphethe abadale izinkinga.
Mayelana nokuthi abantu basemakhaya kabanabo ubunikazi bomhlaba, uthe umhlaba olawulwa Ingonyama Trust akuwona oweSilo kodwa ngowabantu baKwaZulu-Natal.
“Kuyishwa ukuthi abantu abazihluphi ngokufuna incazelo yegama elithi Trustee, yingakho bengaqondi ukuthi iSilo asinawo umhlaba kodwa ngowabantu baKwaZulu-Natal,” kusho uButhelezi.
Uthe umhlangano we-IFP wenqubomgomo yayo uzoza nezixazululo ezinkingeni ezinhlanu ezithinta abantu baseNingizimu Afrika.
Ubale kuzo ezomnotho, ukusweleka kwamathuba omsebenzi nokudalwa kwawo, udaba lo mhlaba, ukuthuthukiswa komphakathi nobuphofu, udaba lwezemfundo, ukuthuthukiswa kwamakhono nobugebengu nezokuphepha.
UMnuz Narend Singh obhekele ezokhetho eqenjini uthe bazomemezela ngesikhathi esifanele ukuthi izoba nini ingqungquthela. Uthe amagatsha asebhekiwe ukuthi asesimeni esifanele yini ukuthi kuyiwe okhethweni.