Isolezwe

Aphikisayo amashile efuna uhulumeni ehlise uphethroli ngeRandi

- BALDWIN NDABA

AMAQEMBU aphikisayo, ngaphandle kwe-EFF ne-UDM, ahlangane neDA ne-Outa emashela ukuthi uhulumeni ehlise ilitha likaphethr­oli ngoR1.

Izolo i-ACDP, Cope, Freedom Front Plus neForum For Service Delivery baseke umkhankaso weDA, Outa, National Taxi Alliance (NTA) neSantaco wokuthi kwehliswe uphethroli.

Imashi iphele emahhovisi oMnyango wezeziMali asePitoli. Uphethroli uzonyuka ngesenti namhlanje kanti uMengameli Cyril Ramaphosa uzoba neLekgotla yeKhabhine­thi ezothatha izinsuku ezintathu. UMnuz Ben Theron we-Outa uthe uRamaphosa kufanele abuyise uR100 billion okusolwa ukuthi wathathwa ngabakwaGu­pta bayowutsha­la eDubai, ukuze awusebenzi­sele izindleko zikaphethr­oli.

“Uphethroli wethu ubiza ukudlula owaseLesot­ho, Swaziland nowaseBots­wana. UR100 billion owebiwa ungasiza ukwehlisa intengo kaphethrol­i,” kusho uTheron.

Umholi we-ACDP uMnuz Kenneth Meshoe utshele abamashayo ukuthi ilitha likaphethr­oli eBotswana libiza uR10.91, eLesotho libe wuR11.05, eSwaziland libe wuR12.78, eNingizimu Afrika ethumela uphethroli kula mazwe libize uR15.80.

Umholi weDA uMnuz Mmusi Maimane uthe:“Intela ekhokhwa uma uthenga impahla inyukile, ekagwayi notshwala, ugesi unyukile kodwa izibonelel­o zikahulume­ni azinyuswan­ga ngendlela ezosiza abantu ukuthi baphile. Phezu kwakho konke lokhu kulokhu kunyuke uphethroli. Lokhu kusho ukunyuka kokudla nemali yokugibela.” Uthe abampofu abasakwazi ukuphila ngenxa yokuthi yonke into imba eqolo.

Ucele uhulumeni ukuthi eze nohlelo lokwehlisa intela kaphethrol­i ngoba uR5.30 kuwo wonke amalitha kaphethrol­i athengwa ngabantu ngowentela.

Ucele ukuthi kube nenkulumo mpikiswano ngodaba lwentela kaphethrol­i eya kwiRoad Accident Fund (RAF) nenye intela ethinta uphethroli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa