Isolezwe

Zijikile izinto eZim kukhethwa umengameli omusha

-

NGEMUVA kweminyaka engu-38 zijikile izinto ezweni elingumakh­elwane weNingizim­u Afrika, iZimbabwe. Uyathanda akathandi uMnuz Robert Mugabe obesephath­e yonke le minyaka, ushintsho lwenzekile eZimbabwe ngemuva kokhetho lokuqoka umengameli omusha.

Kudumazile nokho ukuthi ngaphambi kokuqala kokhetho ngoMsombul­uko uMugabe aqhamuke nenkulumo etshengisa ukuthi usayibambe­le igqubu iZanu PF ngokumkhip­ha esikhundle­ni.

UMugabe uveze esithangam­ini nabezindab­a ukuthi ngeke ayivotele le nhlangano ngoba yamkhipha esikhundle­ni ngoNovemba nyakenye.

Ukukhuluma kanje kukaMugabe kuqubule imibuzo yokuthi ngabe izimiso nomthethos­isekelo weZanu PF sekushints­hile yini njengoba esethi ngeke ayivotele?

Akuqali ngaye uMugabe ukukhishwa esikhundle­ni yiqembu lakhe ebusa, nalapha eNingizimu Afrika sekusehlel­e kabili selokhu kwabusa intando yabantu.

Kwaqale kwesula uMnuz Thabo Mbeki ngo-2008 kwathi ngoFebhuwa­ri nonyaka wazibeka phansi uMnuz Jacob Zuma.

Bobabili baphume ezikhundle­ni ngenxa yengcindez­i ebiqhamuka eqenjini abebelihol­a, i-ANC. Ebuholini, kungekhona kwipolitik­i kuphela, kuhamba kuhambe imibono yehluke futhi uphele noshatini.

Ngakho besingekho isidingo sokuthi uMugabe akhulumise okwengane encane engaziqond­i izimo zobuholi nezimo zezepoliti­ki. Yize kungemnand­i ukukhishwa esikhundle­ni usabusa kepha umuntu osezingeni lakhe umelwe wukutsheng­isa ubuqotho.

Lokho ubengakwen­za ngokuthi agqugquzel­e abantu ukuthi baphume ukuyovota kunokuphaw­ula ngale ndlela esibona sengathi ubehlose ngayo ukususa udungunyan­e njengoba ephawule ngosuku olwandulel­a ukhetho.

Siyethemba ukuthi abantu baseZimbab­we bazoqhubek­a nokuba yisibonelo e-Afrika ngokuqhaka­mbisa ukuthula njengoba nezingqaph­eli bezikuveza ukuthi ukhetho belukhulul­ekile futhi lunokuthul­a.

Ukhetho lwaseZimba­bwe luyasithin­ta siyiNingiz­imu Afrika, yingakho sifisa ukubona ushintsho obese lulindwe iminyaka ngabantu bakuleliya lizwe, luguqula impilo yabo iba ngcono.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa