Sonta kwakho uma ungafuni ukunikela enkonzweni
MHLELI: Ngivumele ke ngibeke umbono wami ngamabandla ezenkolo. Kubantu abafana nami abafisayo ngelinye ilanga ukuyokhonza emabandleni kodwa abanenkinga yokuthi bazophuma babheke ngakuphi, akhona amasonto lapho kudunyiswa khona ngeqiniso, okuthi uma ungene khona uzizwe ufisa ukubuya nangesonto elizayo. Kodwa ambalwa kakhulu.
Ngike ngaba wumphathi weqembu lebhola. Hheyi kuyakhokhwa ebholeni kodwa awunaki ngoba usuke unothando. Nasesontweni kanginankinga MHLELI: Ngaphoxwa abasakazi bohlelo okuthiwa luhamba phambili ezinhlelweni zeSABC, iWoza Nabangani Bakho (WNB) kuKhozi FM, okunguTshatha Ngobe noSelby Mkhize.
Laba basakazi bangiphoxile impela ngokusizakala ngenkinga eyehlela ozakwabo ohlelweni lwesiteshi iMetro FM. Ozakwabo engikhuluma ngabo nguMo Flava noMasechaba Ndlovu bohlelo iThe Drive on Metro FM olungena ngesikhathi esifanayo nohlelo olusakazwa woTshatha ntambama ngo-3 kuya ku-6.
Okungenze ngaphoxeka wukuthi ngomhla ka-9 Julayi yonke into engumsakazo ongaphansi kweSABC yayigula.
Empeleni lokhu kugula yinto yomnikelo ngoba ngisuke ngiwukhipha ngenhliziyo yami emhlophe, ngibonga kuMdali ukuthi ungigcinile. Akumele ke abantu baye esontweni kodwa uma sebegoduka bakhale ngokuthi bayanikela kanti imali kabanayo. Uma ungafuni ukunikela esontweni hlala kwakho usonte wedwa. Ngeshwa ukusonta awukwazi ukukwenza usekhaya wedwa. Ukuyohlangana nabazalwane kuyakubusisa,usinde ekuguleni osuke unakho.
Kodwa kunento embi futhi eyihlazo eyenzeka ezindaweni zokukhonza. Sezaphenduka ezepolitiki akusayelwa ukuthi abantu basindiswe noma baduduzwe. Yinkulu impi esemabandleni futhi kangazi ngingayiqalaphi ngigcinephi nayo. Izikhundla emabandleni seziyakhankaselwa, abazalwane phakathi esontweni bayaxabana, bayahlebana, bayalwa abanye. Inhloso yokuya enkonzweni kwabanye sekuwukuyofeza izinhloso ezingekho eBhayibheleni.
Ngiye ngizibuze ukuthi kungani kungabi nesonto elilodwa kuhlukane ke amagatsha ngoba vele sikhonza uMdali oyedwa. Ngiyakholelwa kakhulu ekukhonzeni noma ngingayi nje esontweni ngoba isikhathi kanginaso kodwa kuyangishaya ukuthi ukungena ebandleni elithize uthi uyokhonza usuzibangela ubutha ngoba kawuyi ekuthuleni kodwa uyobuka impi abazalwane bexabana. Kwesinye isikhathi bagcine sebebekana nezandla baze babophane.
Ngisho ugibela etekisini noma yisebhasini bese ulalela izinkulumo ezikhona zamakholwa, kawukwazi ukwahlukanisa umzalwane nomuntu nje ongayi esontweni. Kuqala wawuthi uma ufuna umsebenzi kube nendawo lapho uzochaza khona ukuthi ukhonza kuphi. Kwakunenkolelo yokuthi umuntu okhonzayo, ngumuntu ongakwenzi okungalungile kodwa manje kwezinye isikhathi ubalekela kumuntu ophuza utshwala ngoba uyaxola kanti amanye amakholwa akaxoli.
Uma uke waxabana nabanye abakholwayo, baze basho ukuthi umjiva abawufakile kawusho lutho. Kunabantu abakholwe ngempela engifisa bahlukaniswe nabadlalayo. O’Brien ‘Scara’ Gcabashe ENANDA