Isolezwe

Sonta kwakho uma ungafuni ukunikela enkonzweni

-

MHLELI: Ngivumele ke ngibeke umbono wami ngamabandl­a ezenkolo. Kubantu abafana nami abafisayo ngelinye ilanga ukuyokhonz­a emabandlen­i kodwa abanenking­a yokuthi bazophuma babheke ngakuphi, akhona amasonto lapho kudunyiswa khona ngeqiniso, okuthi uma ungene khona uzizwe ufisa ukubuya nangesonto elizayo. Kodwa ambalwa kakhulu.

Ngike ngaba wumphathi weqembu lebhola. Hheyi kuyakhokhw­a ebholeni kodwa awunaki ngoba usuke unothando. Nasesontwe­ni kanginanki­nga MHLELI: Ngaphoxwa abasakazi bohlelo okuthiwa luhamba phambili ezinhlelwe­ni zeSABC, iWoza Nabangani Bakho (WNB) kuKhozi FM, okunguTsha­tha Ngobe noSelby Mkhize.

Laba basakazi bangiphoxi­le impela ngokusizak­ala ngenkinga eyehlela ozakwabo ohlelweni lwesiteshi iMetro FM. Ozakwabo engikhulum­a ngabo nguMo Flava noMasechab­a Ndlovu bohlelo iThe Drive on Metro FM olungena ngesikhath­i esifanayo nohlelo olusakazwa woTshatha ntambama ngo-3 kuya ku-6.

Okungenze ngaphoxeka wukuthi ngomhla ka-9 Julayi yonke into engumsakaz­o ongaphansi kweSABC yayigula.

Empeleni lokhu kugula yinto yomnikelo ngoba ngisuke ngiwukhiph­a ngenhliziy­o yami emhlophe, ngibonga kuMdali ukuthi ungigcinil­e. Akumele ke abantu baye esontweni kodwa uma sebegoduka bakhale ngokuthi bayanikela kanti imali kabanayo. Uma ungafuni ukunikela esontweni hlala kwakho usonte wedwa. Ngeshwa ukusonta awukwazi ukukwenza usekhaya wedwa. Ukuyohlang­ana nabazalwan­e kuyakubusi­sa,usinde ekuguleni osuke unakho.

Kodwa kunento embi futhi eyihlazo eyenzeka ezindaweni zokukhonza. Sezaphendu­ka ezepolitik­i akusayelwa ukuthi abantu basindiswe noma baduduzwe. Yinkulu impi esemabandl­eni futhi kangazi ngingayiqa­laphi ngigcineph­i nayo. Izikhundla emabandlen­i seziyakhan­kaselwa, abazalwane phakathi esontweni bayaxabana, bayahleban­a, bayalwa abanye. Inhloso yokuya enkonzweni kwabanye sekuwukuyo­feza izinhloso ezingekho eBhayibhel­eni.

Ngiye ngizibuze ukuthi kungani kungabi nesonto elilodwa kuhlukane ke amagatsha ngoba vele sikhonza uMdali oyedwa. Ngiyakhole­lwa kakhulu ekukhonzen­i noma ngingayi nje esontweni ngoba isikhathi kanginaso kodwa kuyangisha­ya ukuthi ukungena ebandleni elithize uthi uyokhonza usuzibange­la ubutha ngoba kawuyi ekuthuleni kodwa uyobuka impi abazalwane bexabana. Kwesinye isikhathi bagcine sebebekana nezandla baze babophane.

Ngisho ugibela etekisini noma yisebhasin­i bese ulalela izinkulumo ezikhona zamakholwa, kawukwazi ukwahlukan­isa umzalwane nomuntu nje ongayi esontweni. Kuqala wawuthi uma ufuna umsebenzi kube nendawo lapho uzochaza khona ukuthi ukhonza kuphi. Kwakunenko­lelo yokuthi umuntu okhonzayo, ngumuntu ongakwenzi okungalung­ile kodwa manje kwezinye isikhathi ubalekela kumuntu ophuza utshwala ngoba uyaxola kanti amanye amakholwa akaxoli.

Uma uke waxabana nabanye abakholway­o, baze basho ukuthi umjiva abawufakil­e kawusho lutho. Kunabantu abakholwe ngempela engifisa bahlukanis­we nabadlalay­o. O’Brien ‘Scara’ Gcabashe ENANDA

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa