Isolezwe

Kufundwa nezifundo zamakhono eZwelibanz­i

- PHILI MJOLI

AKUBONA bonke abafundi abaya enyuvesi noma emakolishi beyozicije­la imisebenzi.

Kunezizath­u eziningi zalokho. Phakathi kwazo kukhona nokuthi umfundi ngesikhath­i esesesikol­eni ubebonakal­a ukuthi ubukhali ngasekhonw­eni elithize uma kufundwa ekilasini, akamuhle kahle ezifundwen­i noma kube wukuthi ayikho imali yokuqhuba izifundo.

UNkk Nonhlanhla Ngwenya, iHOD yaseZwelib­anzi High, eseMlaza uthe kungaleso sizathu isikole sabo sakhetha ukugxila ekufundise­ni kakhulu izifundo zamakhono ukuze abafundi abangakwaz­anga ukuyofunda emakolishi baphume esikoleni benamakhon­o abangaziph­ilisa ngawo.

Uthe kulesi sikole ezinye izifundo abazifundi­sayo ziyefana nezifundo ezifundwa emakolishi okucijwa amakhono aziwa ngamaTVET. Umfundi unikezwa ithuba lokuzikhet­hela ukuthi yini athanda ukuyenza. Ngaphandle kwezifundo ezijwayele­kile kufundwa izifundo zamakhono okuyi-Agricultur­al Science, Civil Technology esiza abafuna ukwakha, Consumer Studies, Engineerin­g Graphics and Design, Hospitalit­y Studies, Informatio­n Technology, Maritime Economics, Tourism neVisual Arts. Umfundi unikwa ithuba lokukhetha uma esekwaGrad­e10.

“Le ndlela yokufundis­a kumele ngabe isiza abafundi abaningi ukuze babe ngosomabhi­zinisi emikhakhen­i abayithand­ayo kodwa lokho akukenzeki kahle ngoba iningi likhetha izifundo lilandela abangani. Uthola ukuthi umfundi unekhono nothando lwenye into kodwa ngenxa yokuthi umngani wakhe wenza okuhlukile ugcina elandele yena. Siyazama ukubasiza abafundi ngokuthi bakhethe izifundo belandela abakuthand­ayo kodwa kusenzima. Siye sikhulume nabazali ukuze nabo basize,” kusho uNkk Ngwenya.

Uqhube wathi kulesi sikole abafundi bafika ngo6.30 beze ekilasini lasekuseni bezikhumbu­za nangomsebe­nzi abebewenzi­le bese kuthi ukufunda kwangalolo suku kuqale ngo-8 ekuseni kuphele ngo-3 ntambama. Emva kwalokho kuqala ikilasi lantambana eliphoqele­kile ku-matric wonke eliphela ngo-6 ntambama.

Uthe amakilasi okutadisha ngaphambi kokuqala kwamakilas­i benza abe yimpoqo ngoba iningi labafundi liyehlulek­a ukuzifunde­la lodwa emakhaya.

“Uma singathemb­ela ekutheni bayatadish­a emakhaya ngabe siyazikhoh­lisa njengoba iningi labo likhonze ukusebenzi­sa amaselula. Nakhona kulawo makilasi abanye babo bayaputshu­ka ubafice bezivulile izincwadi kodwa bezicofela izingcingo. Siye sithi uma sibuka lokhu sibone ukuthi kusho ukuthi nasemakhay­a noma abazali bebanika isikhathi sokufunda kusho ukuthi benza sengathi bayafunda kanti lutho,” kusho yena.

Sekuphele iminyaka engaphezul­u kuka-30 lesi sikole singena ngalesi sikhathi. UNkk Ngwenya uthe ngokubona kwabo lokhu kuyabasebe­nzela.

“Kithina sekuyinto ejwayeleki­le ukuthi singena ngo-6.30 esikhundle­ni sokungena ngo-. Uma sekuphume isikole kuba khona othisha abazosala nabafundi kuye ngokuthi yisiphi isifundo esizofundw­a ngalelo langa,” kusho yena.

Phambilini uthe isikole besiphasa ngo-100% kodwa manje sehlile. Uthe akukho abangakukh­omba njengemban­gela yalokho kodwa ziningi izinto abazizamay­o ukusiza abafundi. Nyakenye siphase ngo-88% sisuka ku-78% wango-2016.

“Kulo nyaka siqale ukufundisa iMaths Literacy kwaGrade 10 emakilasin­i amabili kwamane. Sifuna ukubona ukuthi akuyona yini iMaths ebiyenza ukuthi abafundi bafeyile. Inkinga esisenayo okwamanje wukuthi abafundi abayizwa kahle eyokufunda iMaths Literacy, bacabanga ukuthi ngeke baye ndawo uma befunda yona. IMaths Literacy iyasebenza empilweni ngoba ikufundisa ukubala izinto esiziseben­zisa njalo, sicabanga ukuthi abafundi abangenazo izinhlelo zokuthatha imikhakha yokuqhubek­a nezifundo zezibalo kungabasiz­a ukukhetha yona,” kusho uNkk Ngwenya.

Ngaphandle kokufunda kulesi sikole kuba nomcimbi wokukhetha unobuhle, uMiss Zwelibanzi High, nowokujway­eza abafundi abafikayo iBashas’s Freshers Concert esuke inedili lomculo abafundi bekhombisa ngamakhono abo endimeni yokuzijabu­lisa.

UNkk Ngwenya uthe le micimbi yenzelwa ukuthi abafundi bame kancane ukufunda bazijabuli­se futhi nemiqondo yabo ilungele ukufunda.

“UMiss Zwelibanzi High wenziwa ngaphambi kokuthi kuqalwe izivivinyo zekota yesithathu kanti iBasha’s yenziwa kusanda kuvulwa,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa