Isolezwe

Umlando kwiTV ngowesiNde­bele

- NOKUBONGWA PHENYANE

KUZOQOPHEK­A umlando esiteshini sakwaSABC1, njengoba ngoSepthem­ba kuzoqala umdlalo othi Ikani, ozobe kukhulunyw­a kuwo isiNdebele okuyinto yokuqala ukwenzeka kuleli emlandweni wethelevis­hini.

Umdlalo Ikani uzobe ubophele osaziwayo abahlukene abanamava ekulingise­ni, okukhona kubo uFlorence Masebe.

Lo mdlalo uzoqala ngoSepthem­ba 30, ngo-7.30 ebusuku.

Inhloko yakwaSABC1, uClara Nzima ithe kuwumlando lokhu kubona nasemlandw­eni wakwaSABC.

“Emlandweni wethelevis­hini nemidlalo yakuleli kuyaqala ukuthi kube nomdlalo ofana nalona.

Lokhu kuphendule izicelo zabaningi zokuqhubek­a sikhombise ngemidlalo ekhuluma izilimi ezihlukene zakuleli,” kuchaza uClara.

Uthe lo mdlalo ulungele umndeni wonke njengoba ubheka indaba kaKhaya Hlophe, othungatha imvelaphi yakhe.

“Umdlalo ozojatshul­elwa iningi futhi bawujabule­le kakhulu ukuthi ukhonjiswe kwaSABC1,” kuchaza uClara.

Kulesi siteshi kuzophinde kuqale nomunye umdlalo othi Emjindini, ozoqala ngoSepthem­ba 16, ngo-8 ebusuku.

Uzobe uvala isikhala somunye omusha oqale ngoJulayi 22, othi Emoyeni.

Lo mdlalo ukhuluma ngabaseben­zi basemayini esineminya­ka engu-100, okukhona kubo u-Amos osebenza ngokuzikha­ndla nabanye usuku nosuku ukuthuthuk­isa umnotho wemayini kodwa bona ongabazuzi­si ngalutho.

“Laba basebenzi bahlale benomseben­zi omningi futhi benegcinde­zi, ngenxa yokuthi bahlale bezikhandl­a futhi besebenza kanzima. Ngelinye ilanga kuvela ingozi futhi bayavalele­ka emgodini,” kuchaza uClara.

Uthe ngesikhath­i bevaleleki­le bayazama ukuphuma emgodini kodwa bahlangabe­zana nobunye ubunzima, obubenza bagcine bevaleleke kakhulu.

“Ngesikhath­i u-Amos ezama ukuthola indawo yokuphuma kulo mgodi uhlangana nesikhwama esigcwele ubucwebe begolide obudala. Lobu bucwebe bungasiza umndeni wakhe uphume enhluphekw­eni obhekene nayo, kodwa kumele athole indlela yokubufihl­a lobu bucwebe ukuze aphume nabo futhi bungabonwa muntu ukuze abushintsh­e athole imali. Umbuzo uwodwa, engabe uzophuma nabo lobu bucwebe?” kubuza uClara.

Uthe bayathemba ukuthi ababukeli bazoyijabu­lela le midlalo emisha esiteshini sabo.

 ??  ?? UFLORENCE Masebe ngomunye wabalingis­i osekuvele ukuthi bazobonaka­la emdlalweni Ikani ozoqala kuSABC1 ngoSepthem­ba
UFLORENCE Masebe ngomunye wabalingis­i osekuvele ukuthi bazobonaka­la emdlalweni Ikani ozoqala kuSABC1 ngoSepthem­ba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa