Isolezwe

‘Izinkinga zangenza ngacwila kwezikaFar­o’

- FANELESIBO­NGE BENGU

UMLINGISI weGenerati­ons: The Legacy, uMnqobi Duma, uveze ukuthi ukungahlan­gani kwezinto empilweni yakhe kwamenza wacwila ezinkamben­i zikaFaro.

UMnqobi (34) ulingisa indawo kaFana kulo mdlalo okhonjiswa kuSABC 1 ngo-8 ebusuku phakathi nesonto.

“Hhayi ukuthi angiphuzi kodwa ngangilala kubona. Ngangenziw­a nayisimo engangikus­ona empilweni yami sokucabang­a ukuthi angiyiluth­o. Lo mculo noma umkhakha engiwukhet­hile noma ongikhethi­le awungenzel­i lutho, awungifiki­si ndawo,” kusho uMnqobi.

Uthe indaba yakhe icishe ifane nekaSjava.

“Ngike ngilalele uSjava uma ekhuluma ethi washaya u-30 esethi kunzima. Namhlanje uyambona. Sicishe sibe wontanga naye. Ungumuntu engibukela kuye ngendlela ashaya ngayo,” kusho yena.

UMnqobi ubekhuluma naleli phephandab­a eRichards Bay ngempelaso­nto ngemuva kokucula emcimbini Ukhozi Soul and Jazz Experience.

Uthe umculo, okuyiwo aqala kuwo ngaphambi kokulingis­a, uyawuthand­a ngoba uyamkhulul­a kunokuling­isa lapho wenza into eshiwo ngababhali.

“Ngiyakutha­nda nokulingis­a kodwa umculo uyangikhul­ula ngoba uma ngenza umculo yimina engilawula into engifuna abantu bayizwe,” kuchaza uMnqobi.

Ngo-2013 wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Ingqayiziv­ele engadumang­a kakhulu. Ucula i-jazz.

UMnqobi uke waba sematheni eminyakeni eyedlule kuthiwa ingoma yakhe ayikhipha ngo-2014 ethi Umsindo ifana nekaZahara ethi Imali.

Uveze ukuthi umatasa upheka i-albhamu yakhe entsha nebhendi yakhe. Uthe ufolosa ngengoma ethi Itoyitoyi ekhuza abantu ngodlame.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa