‘Izinkinga zangenza ngacwila kwezikaFaro’
UMLINGISI weGenerations: The Legacy, uMnqobi Duma, uveze ukuthi ukungahlangani kwezinto empilweni yakhe kwamenza wacwila ezinkambeni zikaFaro.
UMnqobi (34) ulingisa indawo kaFana kulo mdlalo okhonjiswa kuSABC 1 ngo-8 ebusuku phakathi nesonto.
“Hhayi ukuthi angiphuzi kodwa ngangilala kubona. Ngangenziwa nayisimo engangikusona empilweni yami sokucabanga ukuthi angiyilutho. Lo mculo noma umkhakha engiwukhethile noma ongikhethile awungenzeli lutho, awungifikisi ndawo,” kusho uMnqobi.
Uthe indaba yakhe icishe ifane nekaSjava.
“Ngike ngilalele uSjava uma ekhuluma ethi washaya u-30 esethi kunzima. Namhlanje uyambona. Sicishe sibe wontanga naye. Ungumuntu engibukela kuye ngendlela ashaya ngayo,” kusho yena.
UMnqobi ubekhuluma naleli phephandaba eRichards Bay ngempelasonto ngemuva kokucula emcimbini Ukhozi Soul and Jazz Experience.
Uthe umculo, okuyiwo aqala kuwo ngaphambi kokulingisa, uyawuthanda ngoba uyamkhulula kunokulingisa lapho wenza into eshiwo ngababhali.
“Ngiyakuthanda nokulingisa kodwa umculo uyangikhulula ngoba uma ngenza umculo yimina engilawula into engifuna abantu bayizwe,” kuchaza uMnqobi.
Ngo-2013 wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Ingqayizivele engadumanga kakhulu. Ucula i-jazz.
UMnqobi uke waba sematheni eminyakeni eyedlule kuthiwa ingoma yakhe ayikhipha ngo-2014 ethi Umsindo ifana nekaZahara ethi Imali.
Uveze ukuthi umatasa upheka i-albhamu yakhe entsha nebhendi yakhe. Uthe ufolosa ngengoma ethi Itoyitoyi ekhuza abantu ngodlame.