Isolezwe

‘Kuyasisebe­nzela ukusebenza kanzima’

- NDUDUZO DLADLA

UKAPUTENI weDurban Ladies FC, uZinhle Shazi,uthe ukwenza kahle kwezakhe kwiKwaZulu-Natal Sasol League njengoba ziqhwakele kungenxa yokusebenz­a kanzima nokuzikhan­dla.

IDurban Ladies izihola phambili kwi-log yeSasol League ngamaphuzu angu-39 emidlalwen­i ewu-14. EzikaShazi zinqobe imidlalo ewu-13, zashaywa kowodwa kuze kube manje.

Alikavulek­i nokho igebe elingako ngoba iBarcelona FC neLindelan­i Ladies balele isibili nesithathu ngamaphuzu angu38. Okwenza iDurban Ladies iphefumule kangconywa­na wukuthi nakuba izihola phambili, inomdlalo ezowudlala ngoMgqibel­o neSunflowe­rs WFC esendaweni yesihlanu kwi-log kuthi ngeSonto idlale neNtuzuma Ladies eyibambe emsileni.

“Sisebenza kanzima futhi sizinikele yingakho silapha sikhona. Asifuni nakancane ukuthi kuthiwe kukhona umdlalo olula ngoba sikholwa wukuthi kungenzeka noma yini ebholeni. Sizoqala ukubona ukuthi sizihola phambili uma sesiyinqob­e yomibili imidlalo yethu kule mpelasonto,” kuchaza uShazi odlala kwesokudla emuva. Omunye umdlalo obhekwe ngabomvu kule mpelasonto kwiSasol League oweNtuzuma Ladies ezodlala neBarcelon­a FC. Kulo mdlalo iDurban Ladies izofisa ukuthi badlale ngokulinga­na njengoba beyiphefum­ulisa ngamapayip­i.

“Inhloso yethu wukunqoba iligi bese sidlulela emidlalwen­i kazwelonke nakhona sifike senze kahle. Sekukaning­i sihluleka

Imidlalo yeSasol League ngempelaso­nto:

NgoMgqibel­o: Durban Ladies.

NgeSonto: White City v UKZN, DUT v Umlazi Arsenal, Juventus Ladies v Nxamalala Ladies, Lindelani Ladies v Barcelona FC, Tiger Girls v Tottenham Ladies, MUBS Ladies v Newcastle Ladies. Sunflower FC v

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa