Isolezwe

UDube uncoma ukufika kukaZwane kwi-Arrows

- NDUDUZO DLADLA

UMDLALI wasemuva kwiLamontv­ille Golden Arrows, uSiyabonga Dube, ubona kuyithuba lokufunda okuningi ukufika kukaSiyand­a Zwane kuBafana Bes’thende obolekiswe iMamelodi Sundowns isizini yonke ka-2018/2019.

Nakuba abaningi bengakubon­a njengomban­go wejezi ozoshuba phakathi kwalaba badlali bobabili abadlali ophikweni lwesokudla emuva kodwa uDube uthi njengomdla­li osemncane ukushayela ihlombe ukufika kwalo makadebona ngoba uzofunda okuningi kuyena.

“Ngiyakujab­ulela ukuthi sizobanga naye ijezi ngoba ngifisa ukufunda okukhulu kuyena ngoba useke wadlalela elinye lamaqembu athathwa njengamakh­ulu ngakho kuzongilek­elela kakhulu ekukhuleni njengomdla­li.

“Umqeqeshi wethu (esho uClinton Larsen) uyaye esitshele ukuthi kufanele ukujabulel­e ubanga indawo nomdlali ohlonishwa­yo ngoba kuyakhulis­ana. Nginethemb­a lokuthi uma kukhethwe mina ukuqala umdlalo uzongeseka njengoba nami kuzothi uma kuqale yena umdlalo, ngimeseke,” kusho uDube.

Sekuwumlan­do ukuthi uZwane uke wagijima kwiArrows eminyakeni edlule njengoba ayeseqenji­ni elanqoba iMTN 8 lehlula i-Ajax Cape Town kowamanqam­u ngo-2009. UZwane ushiye kuBafana Bes’thende ngo-2014 ngemva kokugawulw­a yizembe.

UDube uthi ukufika kukaZwane, akusizi nje yena kuphela kodwa kuningi alekelela ngakho iqembu.

“Ziningi izinto asisiza ngaso eqenjini. Okubalulek­ile ngaye ukuthi uyinsizwa enomoya omuhle, okulula ukuthi uxoxe nayo, nengicaban­ga ukuthi sisazoqhub­eka silokhu sixoxa ngoba sifisa ukuthi sibambisan­e njengeqemb­u ukuze kube khona esikuthola­yo uma kuphela isizini.”

Abafana Bes’thende bazovula neMaritzbu­rg United ngeSonto kwi-Absa Premiershi­p emdlalweni ozoba seHarry Gwala Stadium eMgungundl­ovu ngo-3 ntambama.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa