Isolezwe

Ukhala ngokuhlala kuleli kukaKhune

- NDUDUZO DLADLA

U-BRIAN “Spiderman” Baloyi uthi kuseyisilo­nda esisekude ukuphola kuyena ukubona u-Itumeleng “Spiderkid” Khune esadlala kuleli, ekubeni ikhono lakhe libatshazw­a umhlaba wonke.

UBaloyi obengunozi­nti weKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns neqembu lesizwe iBafana Bafana eminyakeni edlule,uthi akaqondi namanje ukuthi kungani uKhune engadlali kwelinye lamaqembu amakhulu ahlonishwa­yo e-Europe.

Eminyakeni edlule,uBaloyi ubebamba kwasani kwiChiefs nakwiSundo­wns okwenza agcine edlale amahlandla angu-24 kwiBafana Bafana. Kuthe esezowagax­e emgibeni amakhokho, kwagqama uKhune ofike kwezwakala wagcina eqanjwa ukuthi unguSpider­kid, kuthathelw­a ekutheni uzoqhubeka lapho kugcine khona uBaloyi.

Bobabili labo nozinti baqhubekil­e nobudlelwa­no obuhle, ikakhuluka­zi uBayoli obelokhu enikeza uKhune njalo amacebo okuvimba. NoKhune ubengakufi­hli ezinkundle­ni zokuxhuman­a noma uma ekhuluma nabezindab­a ukuthi ubukela kuBaloyi.

“Ngesikhath­i uKhune eqala egqama ngakubeka kwacaca ukuthi njengoba lingafezek­anga iphupho lami lokudlala phesheya kwezilwand­le, sengifisa ukuthi kube wuyena (uKhune), ofeza iphupho lami ngokuthi ayodlala khona. Ngeshwa akukaze kwenzeke lokho futhi kubukeka sengathi ngeke kusenzeka. Ngenxa yokuthi angifuni iphupho lami lishabalal­e, ngibona kungcono ngiqale inkulisa ezocija, ikakhuluka­zi onozinti abasebanca­ne,ukuze bezoyodlal­a phesheya,” kusho uBaloyi oshiyile kwiChiefs engumqeqes­hi wonozinti ngasekuphe­leni kwesizini edlule.

Ngokusho kukaSpider­man, amaqembu ayibamba kwiPremier Soccer League (PSL) ngabe ikwiAbsa Premiershi­p noma iNational First Division (NFD), kumele ayibukisis­e indaba yokuvimba konozinti bangaphand­le. Uthi lokhu kubulala ikhono lonozinti bakuleli.

“Ngifuna ukubona onozinti abancane benikwa ithuba emaqenjini adlala kwiPremier­ship. Uma ubuka iNFD kugcwele onozinti bangaphand­le, nangapha kwi-Aba Premiershi­p cishe uhhafu wamaqembu uvinjelwa wonozinti bangaphand­le. Akusizi-ke ukuhlala phansi dekle bese silokhu sishaya amakhala. Kumele kube khona esikwenzay­o ngalokhu. Yingakho maduze nje ngizothula isikhungo esizobheka­na ngqo nokukhiqiz­wa konozinti,” kuqhuba uBaloyi.

Esinye sezikhalo ebholeni lakuleli wukuthi nakuba izinga lokuya kwabadlali bakuleli phesheya kwezilwand­le lihamba kancane, kuthi noma sebefikile phesheya bahlale amasizini ambalwa babuye beze kuleli. UBaloyi uthi izinkakha ebholeni lakuleli ezifana noSibusiso “Rhee” Zuma, Lucas “Rhoo” Radebe, Delron Buckley noSiyabong­a “Bhele” Nomvethe sekuyisikh­athi sokuthi zitshele abadlali abancane ukuthi zenze ngani ukuhlala iminyaka phesheya ngaphandle kwezinking­a.

“Uma sizimisele ngokuthi sihlonishw­e futhi senze kahle ebholeni lomhlabaku­zofanele sibe nabadlali abaningi abadlala phesheya emaqenjini ahlonishwa­yo.

Kuyaphoxa ukuzwa umdlali ohambe eminyakeni embalwa edlule esethi useyabuya, ekubeni sisabheke lukhulu kuyena. Sekuyisikh­athi sokuthi oZuma, Radebe, Buckley noNomvethe bapotshoze­le intsha ukuthi bona benze ngani ukuhlala iminyaka engaka phesheya kwezilwand­le,” kuphetha uBaloyi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-BRIAN Baloyi ubalisa ngokungayi phesheya kuka-Itumeleng Khune
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-BRIAN Baloyi ubalisa ngokungayi phesheya kuka-Itumeleng Khune
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa