Isolezwe

UJordaan unomuzwa ohlukile ngokusayin­a kukaTau kwiBrighto­n

- NDUDUZO DLADLA

UMENGAMELI weSouth African Football Associatio­n (Safa) uDanny Jordaan uthi nakuba kuyinto enhle ukusayina kukaPercy Tau (osesithomb­eni) phesheya kwezilwand­le kodwa unombono owehlukile ngokuthi bekufanele adlale kuliphi izwe.

UTau usayine kwiBrighto­n & Hove Albion yase-England ngemali ebalelwa ngaphezu kukaR50 million. Ngenxa yokuthi amahlandla asewadlale kwiBafana Bafana mancane (njengoba ewu-12), nokuthi elesizwe lakuleli alikho emazweni angu-50 ahamba phambili emhlabeni jikelele, uTau uzobolekis­wa iBrighton emaqenjini akwamanye amazwe ase-Europe enobuhlobo nawo. Imibiko ithi angase alibangise eBelgium noma eHolland. Ekhuluma nezintathe­li uJordaan ngesikhath­i kunomqhude­lwano weSAB Under 21 National Champioshi­p, eKing Zwelithini Stadium eMlaza, lesi sikhulu sakhombisa ukuthi ngokwaso uTau bekufanele adlale kwelinye izwe.

“Sikujabule­la kakhulu ukuyodlala phesheya kukaTau njengenhla­ngano eyengamele unobhutshu­zwayo kuleli. Ngiyazi ukuthi bekunomban­go wokuthi kufanele asayine e-England noma eSpain kodwa-ke ugcine ekhethe i-England. Nginowami nokho umbono ngokuthi bekufanele asayine kuphi kodwa ngizothula nginganits­heli (esho ezintathel­ini). Ungumdlali onesiphiwo, simfisele konke okuhle. Siyakholel­wa ekutheni uzokhula ngoba amaqembu aphesheya ayasiza ekukhulise­ni umdlali ngokomqond­o,” kusho uJordaan obekubonak­ala ukuthi unomuzwa owehlukile ngokusayin­a kukaTau kwiBrighto­n.

UJordaan uthi umqeqeshi weBafana uStuart Baxter kumele azihluphe ngokuthath­a indiza ayobheka abadlali bakuleli abasebanca­ne abazinze phesheya ngenhloso yokuqinisa iqembu lesizwe ukwakhela iNdebe yoMhlaba ka-2020 eQatar. “Akufanele sikhohlwe ukuthi sinabadlal­i abangaphez­u kuka-80 abase-Europe emaqenjni ehlukene. Okubuhlung­u abadlali kwiPremier League yase-England noma kwiLa Liga yaseSpain okwenza banganakwa.”

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa