Isolezwe

USOLINAS USEWATHOLI­LE AMAPHEPHA OKUSEBENZA KULELI

-

IKAIZER Chiefs isikuqinis­ekisile ukuthi umqeqeshi waleli qembu omusha odabuka e-Italy,uGiovanni Solinas usewatholi­le amaphepha amgunyaza ukuthi asebenze kuleli nokusho ukuthi uzobe ekhona emdlalweni wokuvula we-Absa Premiershi­p obalulekil­e phakathi kwezakhe neMamelodi Sundowns ngoMgqibel­o.

“Sijabule ngokuthi umqeqeshi wethuusewa­tholile amaphepha okusebenza kuleli. USolinas usezijwaye­zile nezimo zokusebenz­a kwiChiefs, singakuqin­isekisa ukuthi uzobe ekhona ebhentshin­i sesibheken­e neSundowns ngoMgqibel­o,”kusho iChiefs kwiwebsite yayo.

USolinas usayine inkontilek­a yeminyaka emibili neziMpofan­a. Umdlalo weChiefs namaBrazil­ians uzoba sePitoli, eLoftus Versfeld ngo-3 ntambama. kwi-Absa Premiershi­p.

“Kube iminyaka emibili engiyithok­ozele kakhulu nakuba kade kunezingqi­namba eziningi. Leli qembu akukho elingenakh­o, futhi akulifanel­e nakancane ukudlala kwiNFD. Ngibona kungcono ngidede kungene omunye umqeqeshi ozofika namanye amaqhinga ashintshe izinto,” kusho uBartlett exoxa nabeSoccer­laduma

Ohhe! Sekuyisikh­athi sokuthi uBartlett aqale phansi afune iqembu. Sethembe nje akazobuyel­a kwesokuba yiphini, uPotshoza angaphoxek­a kakhulu uma kungaba njalo. UMAME “Long Weekend” Niang ozakhele igama ebholeni laseNingiz­imu Afrika egijimela iMoroka Swallows usewagaxe emgibeni amakhokho eneminyaka engu-34. Lo mdondoshiy­a womgadli waseSenega­l oke wagijimela neMamelodi Sundowns neRoyal Eagles kwiNationa­l First Division (NFD) uke wahlabana ngomklomel­o wokuvalela phakathi amagoli amaningi kwiPremier Soccer League (PSL) ngesizini yango-2004/2006. Useke wadlala eGermany, Norway naseCyprus. Ngokusho kukaNiang, ubone sekuyisikh­athi sokuzikhat­haza ngamabhizi­nisi nomndeni wakhe. “Sekuyiminy­aka engu-15 ngidlala ibhola elikhokhel­ayo, okuyisikha­thi eside kakhulu, kungakho ngibone kungcono ngiwagaxe emgibeni. Akungoba ngingasaph­ilile emzimbeni kepha yingoba ngifuna ukubhekisi­sa amabhizini­si ami nomndeni. Angifuni ukuqamba amanga ngizolikhu­mbula ibhola, ngizoqhube­ka nokubakulo­na ngoba ngifuna ukuba yimenenja yabadlali, ngiphinde ngihlaziye ibhola kwithelevi­shini,”kusho uNiang.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa