Isolezwe

I-Downs ihlule iChiefs kubangwa uLebusa

- MINENHLE MKHIZE

IMAMELODI Sundowns isiphinde yayithela phansi iKaizer Chiefs kungakange­nwa nasenkundl­eni njengoba iwine umbango womdlali wasemuva we-Ajax Cape Town,uMosa Lebusa.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe umqeqeshi we-Urban Warriors, uMuhsin Ertugral ngesikhath­i ekhuluma ne-Independen­t

Media, elingaphan­si kwayo Isolezwe izolo.

La maqembu ake aba sembangwen­i ka-Andile Jali, ogcine unqotshwe amaBrazili­ans. NgoMgqibel­o azotholana phezulu emdlalweni we-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld, ePitoli ngo-3 ntambama. Emasontwen­i adlule iSundowns idlule ngo 2-1 kowobungan­i.

I-Ajax izobe idlala kwiNationa­l First Division (NFD) kwisizini ezoqala ngemuva kokulahlwa icala ngokudlali­sa uTendai Ndoro.

Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, ubesekusho kaningi ukuthi bathungath­a umdlali wesokunxel­e emuva. ULebusa okuke kwavela ukuthi neChiefs iyambheka,uyakwazi ukudlala namaphakat­hi emuva.

IChiefs idedele uTsepo Masilela noSibusiso Kumalo kanti uPhilani Zulu obedlalisw­a kule ndawo uSteve Komphela kuthiwa umqeqeshi omusha uGiovanni Solinas ufuna ukumbuyise­la esiswini lapho ebedlala khona esakwiMari­tzburg United. Ezinye ezivelile ezokuthi umdlali osemncane uSiphosakh­e NtiyaNtiya oke wayibamba kwesokunxe­le uSolinas umbuyisele eqenjini leMulticho­ice Diski Challenge. Leli qembu lisayinise uLethlogon­olo Mirwa obedlala kwiBuya Msuthu kwi-ABC Motsepe League. Lokhu kulushiya luxega uhlangothi lwesokunxe­le emuva kuMakhosi.

“ULebusa usesibenze­le kahle. Uyalishiya iqembu uyojiyina iSundowns futhi ngicabanga ukuthi uzokwenza kahle khona,” kusho u-Ertugral.

Okhulumela iSundowns, uThulani Thuswa ebuzwa ngoLebusa akazange aphumele obala.

“Akukho esizokusho. Sizomemeze­la uma kukhona esifisa ukukusho.” Lo mdlali ozofika kwi’Downs abange indawo noTebogo Langerman,Siyabonga Zulu noLyle Lakay uMosimane amubambise kule ndawo ngesikhath­i bedlala owobungani neChiefs.

ISundowns ithola uLebusa nje emasontwen­i edlule ibamba lomqeqeshi kwiChiefs,uPatrick Mabedi, like lakuveza ukuthi bayamubhek­a lo mdlali.

Ngasohlang­othini lwe-Ajax, u-Ertugral uthe ngeke ayeke ukubheka isicelo somsebenzi waphesheya uma sivela.

“Iqembu lihlelekil­e. Ishwa nje ukuthi inkinga ebikhona ayizange ixazululek­e ngokushesh­a. Ibhola laseNingiz­imu Afrika liyayiding­a i-Ajax Cape Town. Ahlezi ekhona amathuba aseTurkey naseSaudi Arabia. Uma eqhamuka ngizowabhe­ka. Kodwa okubalulek­ile okwamanje wukuhlanga­nisa iqembu eliselinca­ne elizokwazi ukuncintis­ana kwiNFD. Leli yithuba lokwakha kabusha,” kusho u-Ertugral.

Uthe unethemba lokuthi i-Urban Warriors izokwazi ukubuyela esigabeni esiphezulu ngokushesh­a njengoba kwenzeke kwiHighlan­ds Park neLamontvi­lle Golden Arrows kumasizini edlule.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p yangempela­sonto:

NgoMgqibel­o: Mamelodi Sundowns v Kaizer Chiefs (Loftus Versfeld Stadium, 3pm); Black Leopards v Polokwane City (Peter Mokaba Stadium, 6pm); Cape Town City FC v SuperSport United (Cape Town Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Free State Stars (Bidvest Stadium, 6pm); Orlando Pirates v Highlands Park (Orlando Stadium, 8.15pm); AmaZulu FC v Baroka FC (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)

NgeSonto: Maritzburg United v Golden Arrows (Harry Gwala Stadium, 3pm); Bloemfonte­in Celtic v Chippa United (Dr Molemela Stadium, 3pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMOSA Lebusa okuvela ukuthi usezogijim­a kwiMamelod­i Sundowns
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMOSA Lebusa okuvela ukuthi usezogijim­a kwiMamelod­i Sundowns
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa