Isolezwe

Kwengezwe isikhathi ngombiko wentela

- BONISWA MOHALE

KULINDELWE ukuthi umbiko wekomiti ebelibheka ukwengezwa kwempahla engafanele ukukhokhel­wa iValue Added Tax (VAT) uthulwe ngokusemth­ethweni ngoMsombul­uko.

Lo mbiko bekulindel­eke ukuthi uthulwe ekupheleni kukaJulayi kodwa uMnyango wezeziMali wengeza isikhathi sokuthulwa kwawo ngesonto njengoba usulindelw­e ngo-Agasti 6.

UMnuz Leonard Willemse oyisazi sentela enkampanin­i iMazars uthe osomabhizi­nisi kufanele bawuthole lo mbiko ukuze basheshe bafake yonke impahla engafanele wukukhokha intela ohlwini olufanele.

“Osomabhizi­nisi kufanele bakhokhe iVAT kwaSouth African Revenue Services ngakho kufanele benze isiqinisek­o sokuthi emabhizini­sini abo kunohlu lwayo yonke impahla okufanele ikhokhe intela,” kusho uWillemse.

Uthe okwenze uMnyango wezeziMali ulule isikhathi wukuthi abantu bafuna amaqakelo, amakhandle­la nensipho afakwe ohlwini lwempahla engayikhok­hi intela.

“Uhulumeni uze nalolu hlelo ngoba efuna ukwehlisa umthwalo emahlombe abantu. Njengamanj­e kungu-19 ukudla okungayikh­okhi iVAT okukhona kukho isinkwa esinsundu, impuphu, istambu, amaveji, amaqanda nokunye. Abantu bafuna kufakwe amaqakelo, tampons, uflawa, amakhandle­la, insipho, imithi ebalulekil­e okubalwa eyenzinhlu­ngu, eyomkhuhla­ne, umfaniswan­o wesikole, izincwadi ne-airtime,” kusho uWillemse.

Uthe ikomiti libhekene nomsebenzi onzima ngoba kufanele licabangel­e abampofu liphinde licabange nesikhwama sikahulume­ni esidinga imali.

“Uhulumeni wanyusa iVAT isuka ku-14% yaya ku-15% ngoba efuna ukungenisa imali esikhwamen­i sakhe. Kufanele ikomiti lehlise umthwalo emahlombe abantu njengoba kunyuke yonke into. Lona futhi leli komiti kufanele lizame ukufaka imali edingwa wuhulumeni, unzima umsebenzi walo. Sikhumbuza osomabhizi­nisi ukuthi baqaphele izinguquko ezizoba khona ukuze bangabi senkingeni uma sebekhokha intela,” kusho uWillemse.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa