Isolezwe

Ugqabule igoda wabuyela kwiChippa

- ZAKHELE XABA

USEBUYELE kwiChippa United umdlali wasemuva, uNkosinath­i Mthiyane, ohlukane ne-Orlando Pirates emasontwen­i adlule.

UMthiyane uzicelele ukukhululw­a yiPirates emva kokuchitha isigamu sesizini edlule ebolekiswe kwiChilli Boys. Ubelizwa ngendaba ijezi kweZimnyam­a ngaphansi kwabaqeqes­hi abahlukene.

Emuva kwesokunxe­le kweZimnyam­a uMthiyane ubekade ebanga ijezi no-Innocent Maela osephenduk­e isethenjwa somqeqeshi, uMilutin “Micho” Sredojevic noMarc van Heerden osebuyele kuMaZulu. UMthiyane, obekuvele ukuthi angase asayine kwiRoyal Eagles edlala kwiNationa­l First Division (NFD) abekade eziqeqesha nayo, unqume ukubuyela kwiChippa kaSiviwe Mpengesi.

“Ngibuyele kwiChippa. Ngisayine inkontilek­a yonyaka. Bekufanele ngithole iqembu ukuze ngibuyele ensimini. Kunzima ukuthola iqembu uma usunesikha­thi ugcinile ukudlala. Ngijabule ikakhuluka­zi ngoba ngizoseben­za nomqeqeshi ongaziyo (Dan Malesela). Okubalulek­ile okwamanje ukuthi ngidlale,” kusho uMthiyane.

Sekuyinto ejwayeleki­le ukushintsh­ana ngabadlali phakathi kwePirates neChippa. Nokho kubukeka kungawaseb­enzeli womabili la maqembu kwazise abadlali asuke eshintshan­e ngabo bayahlulek­a ukushaya into ecokeme kuwona emuva kokugcogco­ma. Ngaphandle kukaMthiya­ne noVan Heerden abahluleki­le kwiPirates besuka kwiChippa, abanye nguJames Okwuosa owadlala umdlalo owodwa kweZimnyam­a, Thamsanqa Sangweni osebuyisel­we kuyona iChilli Boys. Kwabasuke kwiPirates baya kwiChippa kukhona unozinti uBrighton Mhlongo oseyibamba kwiBidvest Wits noThabo Rakhale osezama inhlanhla eTurkey. Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2018/2019, iPirates ithathe kwiChippa uLinda Mntambo obekade esayine kuleli qembu maphakathi nesizini edlule esuka kwiJomo Cosmos, Abel Mabaso osebuya kwiMamelod­i Sundowns ne-Ajax Cape Town noPaseka Mako.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNKOSINATH­I Mthiyane osebuyele kwiChippa United ngemuva kokuhlukan­a ne-Orlando Pirates
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNKOSINATH­I Mthiyane osebuyele kwiChippa United ngemuva kokuhlukan­a ne-Orlando Pirates

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa