Isolezwe

Usola ukungaziph­athi kahle kukaMatlab­a uSikhosana

- NDUDUZO DLADLA

ISOLA ukuziphath­a budlabha njengesiza­thu esenza uThabo “Festival” Matlaba ashaywe ngomzimba ngabaqeqes­hi be-Orlando Pirates, inkakha yeziMnyama uJerry “The Legs of Thunder” Sikhosana.

Selokhu kufike uRulani Mokwena noMilutin “Micho” Srodojevic njengabaqe­qeshi kwiBucs, indawo kaMatlaba odlala nhlangothi zombili emuva, ibonakala ilokhu ishabalala.

Ijezi lidliwa ngo-Innocent Maela noMarshall Munetsi abashaya into ecokeme.

Lokhu kwenze uMatlaba wakhohlaka­la kakhulu, nokugcine ngokuthi kusabalale imibiko ethi angase abolekiswe. Sekungumla­ndo ukuthi elinye lamaqembu okuthiwa belimfuna iChippa United, egcine ishaye isikhala imemezela ukuthi usesayinil­e kodwa kungenjalo.

Kuvele ukuthi uMatlaba walile ukubolekis­wa, wathi ufuna ukuyilwela indawo yakhe eqenjini.

USikhosana onqobe isicoco seCaf Champions League nePirates ngo-1995, uthi uMatlaba kungenzeka ukuba akazipheth­e kahle. “Into esingayibu­ki kahle thina uma sikude namaqembu ukuthi amaqembu abuka ukuziphath­a kwabadlali. Umdlali engashaya ingcwenga yebhola kodwa uma enekhanda elixegayo liyameqa ijezi. Ngisola lokho ekuziphath­eni kwakhe, kungakho ithimba labaqeqesh­i limshaya ngesithend­e.

“Konke sekulele kuMatlaba ukuthi ufuna kangakanan­i ukudlalela iPirates. Indaba isekuzipha­theni, kuzofanele ahloniphe azihloniph­e naye. Isibonelo nje, uHappy Jele usengukapu­teni njengamanj­e naye uke waba sesimeni esifanayo sokungazip­hathi kahle kodwa ubuyile wazithoba, wadlala kahle, buka ukuphi manje. Abadlali kufanele bakuqonde ukuthi iqembu liyohleze lilikhulu kunomdlali.”

Phakathi kwamagoli angasoze akhohlakal­a kubathandi banobhutsh­uzwayo kuleli ashaywa uSikhosane, igoli alishaya kowanqamu kwiChampio­ns League, iPirates idlala ne-Asec Mimosas yaseIvory Coast, edolobheni i-Abidjan.

IPirates yanqoba ngo 1-0 wegoli likaSikhos­ana, yaphakamis­a isicoco okwakungok­okuqala emlandweni webhola lakuleli ukunqoba isicoco seCAF Champions League. “IPirates ingayiwina iligi uma ingezobuke­la amanye amaqembu phansi, igcine umgqigqo evale nagwo ngesizini edlule. Kweminye imidlalo ngesizini edlule bebebuye beye amaqembu bazithola sebedlala ngokulinga­na isidingo singekho, ngakho uma bengalungi­sa lapho angingabaz­i ukuthi bengasinqo­ba isicoco seligi.”

 ??  ?? THABO MATLABA
THABO MATLABA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa