‘Isekude eyezomnotho kwabesifazane’
ABANTU besifazane bakuleli basebenzisa imali eningi bethenga iziphaqulo, izinto zokuzicwala nakwezempilo.
Ucwaningo olwenziwe abakwaSanlam lukhombisa ukuthi u-93% wabesifazane uma bebuzwa ukuthi basebenzisa malini ezintweni zokugeza nokuzihlanza, liphendula kalula lithi lisebenzisa uR100, u76% wamadoda akuleli.
UNkk Danelle Van Heerde, osophikweni lokweluleka abantu ngokuphatha imali kwaSanlam, uthe abesifazane basebenzisa imali eningi ngisho ezintweni ezifana nezinto zokuhlela umndeni, nokuhlola ezempilo.
Babalelwa ku30% abantu besifazane abathi basebenzisa uR1 500 ngonyaka behlola ukuthi abanazo yini izifo, u16% wamadoda asebenzisa imali elinganayo njalo ngonyaka.
Ngasohlangothini lokuthenga izinto zokuhlela umndeni nakhona abesifazane basebenzisa imali eningi uma beqhathaniswa namadoda, u56.4% wamadoda awusebenzisi mali ukuhlela umndeni. Ngakolunye uhlangothi, u-51,2% wabesifazane uthenga izinto zokuhlela umndeni zonke izinyanga, u30% wabo usebenzisa imali engaphezulu kuka R100 ukuthenga lezi zinto. U-65% wabesifazane basebenzisa uR200 kuya phezulu begunda izinwele, abesilisa abangu-8% abasebenzisa leyo mali ngokwalolu cwaningo.
Njengoba kuyinyanga yabantu besifazane, abakwaSanlam benze ucwaningo olubheka lokhu kwabesifazane abangu-500 nabesilisa abayisibalo esifanayo ukuze kubhekwe ukuthi ngobani ngempela abakhokha kakhulu ezintweni abazisebenzisela ukuzicwala okwaziwa ngePink Tax kuleli. UVan Heerde uthe, “Okumangazayo ukuthi abesifazane yibona abahola kancane uma beqhathaniswa namadoda.” Umbiko oveza ukwehlukana kwemiholo ngokobulili, iGender Gap Report, nyakenye ikhombise igebe lika R6 607.25 phakathi kwemali eholwa ngamadoda nabesifazane. “Uma usubheka ukuthi abesifazane bathenga izinto eziningi uma beqhathaniswa namadoda, uyabona ukuthi basekude ukuthola inkululeko yezomnotho,” kusho yena.