Isolezwe

Ubuthebele­le ibhasi elisha elitoniwe iHyundai H1

- FANELESIBO­NGE BENGU IMOTO: HYUNDAI H1 2.5 ELITE BUS

KUZOMELE bashayelwe ihlombe kwaHyundai ngomsebenz­i abawenzile bethuthuki­sa ibhasi labo eseliphend­uke intandokaz­i iHyundai H1.

Phela kucacela wonke umuntu uma liqhamuka ukuthi alifani nhlobo namanye ngenxa yengaphamb­ili lalo elihlukile. Amalambu alo ngaphambil­i ashintshil­e.

Ngizwe ezinye izinsizwa zikhuluma zodwa zincoma ubuhle balo kodwa zikuveza ukuthi alihlukile kakhulu kunelidala. Vele akusiyo imoto abayiqale phansi kodwa bathuthuki­se ekhona. Mina ngithanda ukuyibuka ngesayidi okuyilapho uphinde ubone khona umehluko wayo njengoba inamarimu amasha angu17 inch. Igoqene kahle futhi ayifani nendala engathi icijile kancane ngaphambil­i.

Ngaphakath­i kugqame i-infotainme­nt system kwitouchsc­reen enkulu. Yilapho ukwazi ukudlala khona umsakazo futhi uxhume iselula ngeBluetoo­th. Umsakazo nokubamba iselula ngeBluetoo­th ukwazi ukukulawul­a ngamabhath­ini asesiterin­gini. Isiteringi usuyakwazi ukusihlela ukuthi sime kanjani ngendlela wena ofuna ukusishaye­la ngayo. Uyasehlisa usinyuse ngokuthand­a kwakho.

Njengoba kuyimoto enkulu nje, sebeyigaxe nekhamera eyenza impilo ibe lula uma uhlehla. Noma ngabe yikuphi lapho ngipaka khona bengivele ngize ngesinqa ngoma ingemuva livela esibukweni esiphezulu zokubuka ngemuva.

Okufike kube wubukhosi ngeH1 wukuvuleka kwayo ngaphakath­i. Phela ilayisha abagibeli abayisishi­yagaloluny­e. Ayikho into ebuhlungu uma nithatha uhambo bese nithi izingane azihambi, hhayi ngoba ningathand­i ukuhamba nazo kodwa nicabangel­a isikhala.

I-H1 iyakuqeda konke lokho ngoba inesikhala esanele sabagibeli kanjalo nempahla. Isihlalo sangemuva siya phambili ukuze kuzokwanda isikhala sebhuthi. Injalo nje, ikwazi nokudonsa inqola enesisindo esingu-1 500 kg.

Ezinye izinto i-2.5 turbodiese­l enazo zihlangani­sa iBluetooth namabhathi­ni esiteringi­ni, cruise control, automatic air condtioner, glove box cooling, airbag eceleni, izibuko ezigoqeka ngogesi ne-electronic stability programme. I-Hyundai H1 2.5 Elite Bus inenjini engu-2.5 turbocharg­ed kadizili enamandla angu-125 kW ne-torque engu-441 Nm. Ino-gearbox oyi-5speed ozishintsh­ayo. Ukuba kwayo ne-torque enkulu kwenza amandla isheshe iwafake futhi ayinayo i-turbo lag. Emgwaqweni intofontof­o futhi umshayeli uwubona kahle umgwaqo ngenxa yokuthi uhlalela phezulu. Ngebhadi ayivezi ukuthi idla udizili ongakanani ngebanga ngakho asikwazang­a ukubona kodwa ngemuva kokuhamba u-284.4 km ibiveza ukuthi isengabamb­a u-266km.

Sengivele ngiqalile ukuyibona emgwaqweni okuyizinko­ba zokuthi izoqhubeka nokuthandw­a njengoba kudayiswe amaH1 angaphezul­u kuka14 424 kusuka yethulwa ngo-2009. Inani H1 2.5 Elite Bus (turbodiese­l, automatic transmissi­on) R629 900

Inani lihlangani­sa i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-powertrain warranty yeminyaka emibili noma u-50 000km, roadside assistance yeminyaka emihlanu noma u-150 000km ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa