Isolezwe

IGazoo ibheke ukwenza kahle emncintisw­aneni weSACCS

- INTATHELI YEZEZIMOTO

IQEMBU iToyota Gazoo Racing SA libheke ukwenza kahle emqhudelwa­neni i-2018 South African Cross-Country Series (SACCS) emjahweni i-Altas Copco 400, eBronkhors­tspruit, ngaphandle kwasePitol­i namhlanje nakusasa.

Umqhudelwa­no usuphakath­i nendawo njengoba umjaho wangempela­sonto kuzoba kungowesin­e.

Umengameli weqembu uGlyn Hall uthe zonke izimoto zabo zinecoolin­g system yesimanje.

“Inhloso yethu wukuqeda kahle ngezimoto zombili,” kusho uHall.

UGiniel de Villiers nomqondisi (navigator) wakhe uDennis Murphy yibo abazihola phambili ngokwelogi futhi ngemuva kokunqoba umjaho iToyota Kalahari Botswana 1000 Desert Race, uDe Villiers usevule igebe esicongwen­i.

Yize uMurphy ejoyine uDe Villiers njengomqon­disi emzuliswan­eni wesibili, uye ozihola phambili kubaqondis­i njengoba sekusele imizuliswa­no emithathu nje.

UHenk lategan nomqondisi wakhe uBarry White baba nosuku oluhle kwiDesert njengoba banqoba futhi bathola amaphuzu angu-30. ULategan usendaweni yesine kwilogi.

“UHenk noBarry benza kahle kakhulu eBotswana futhi sibadinga ukuthi baqhubeke lapho,” kusho uHall.

Kukhona nezinye izimoto zakwaToyot­a okukhona kuzo iToyota Hilux kaChris Visser noPhilip Herselman (Atlas Copco Toyota Hilux) esigabeni seClass FIA nesesigabe­ni seClass T ehamba uJohan noWerner Horn (Malalane Toyota Hilux) kanjalo nesesigabe­ni iClass S kaHeinie Strumpher noHenri Hugo (4x4 Mega World Toyota Hilux).

Umjaho uzoqala namhlanje ngo-2 emini. Kuzobe kuwumjaho wokungenel­a ozoba ngu-40k. Umjaho omkhulu uzoba kusasa ngo-8 ekuseni kanti uzosukela futhi uphelele eSoetdorin­g Function Venue. Izethameli zingena mahhala.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa