Isolezwe

Umlingisi ubejuqwa wukhwantal­ala

- ZANELE MTHETHWA

UPHUMELE obala ngokuhlase­lwa ukhwantala­la olwamlalis­a esibhedlel­a umlingisi woZalo, othe uzimisele nokusiza abanye.

UThandeka Dawn King odlala indawo kaMaNgcobo kuZalo, ubengomuny­e wezikhulum­i emcimbini wabesifaza­ne eMoses Mabhida eThekwini ngoMgqibel­o. Uthe abamnyama banomkhuba wokuthi umuntu onokhwanta­lala uyahlanya, babone nokuthi uyisahlule­ki.

Uveze ukuthi walala amasonto amabili esibhedlel­a ngo-2004 ephethwe ukhwantala­la.

“Kwakungath­i ngisemgodi­ni omnyama ngedwa, ngifisa ukuphuma kodwa ngingazi ngizophuma kanjani. Abantu bebengithe­thisa, bethi ngingayivu­meli into engiphethe. Ungangayiv­umela kanjani into ivele ikuphethe?” echaza.

Uthe yilezi zinkulumo ezenza ukuthi abanye abantu abanokhwan­talala bazibulale.

Unxenxe abantu ukuthi bakhulume nomuntu abemethemb­ayo kuqala, ongeke abahlulele uma behlaselwa ilesi sifo. “Indlela engagula ngayo sengibonga ngisho ukuvula amehlo ekuseni,” kusho yena.

UNkk Nomsa Madlala obekhuluma ngokuba nendoda engaziphet­he kahle, uxwayise abesifazan­e ngamadoda akhuluma kabi ngamakhosi­kazi awo. Uthe uma indoda ishela, iyafihla ukuthi inaye umuntu ethandana naye. “Uma usuthole ukuthi indoda yakho iqonyiwe, musa ukushayela ucingo omunye wesifazane. Uma wenza lokho uzobe uzidalela ubuhlungu,’’ kusho uDkt Madlala.

UMfundisi Thandi Ngonelo utshele abesifazan­e ukuthi bangawujah­i umshado.

“Uma indoda ikuthanda iyalinda, ayijahi. Uma ikhipha indandatho yesethembi­so, ibuze ukuthi isikhule ngokwanele yini ukuze ungashadi nomfana. Ibuze ukuthi inayo yini imali nokuthi yini ezoyithuth­ukisa kulokhu oyikona,” kusho yena.

Kulo mcimbi bekukhona noNkk Noma Gigaba ongunkosik­azi kaNgqongqo­she woMnyango wezaseKhay­a, otshele abesifazan­e ukuthi bangabekez­eleli ukuhlukuny­ezwa ebudlelwan­eni ngoba benzela izingane. Uthe izingane ziyabona uma abazali bengaphath­ene kahle emshadweni. Omunye obeyisikhu­lumi nguNksz Nomfundo Mcoyi weCeboleth­u Group, othe abesifazan­e bangaseben­zisi ubulili ukuze bathole izinto.

Uthe uphumelele emabhizini­sini ngoba ezimisela, hhayi ngoba engowesifa­zane.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? IZIKHULUMI ebezisemci­mbini wabesifaza­ne eMoses Mabhida okunguNkk Nomusa Madlala, uMfundisi Thandi Ngonelo, uNksz Nomfundo Mcoyi, uThandeka Dawn King woZalo, uNkk Thobile MaKhumalo Mseleku noNkk Noma Gigaba
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA IZIKHULUMI ebezisemci­mbini wabesifaza­ne eMoses Mabhida okunguNkk Nomusa Madlala, uMfundisi Thandi Ngonelo, uNksz Nomfundo Mcoyi, uThandeka Dawn King woZalo, uNkk Thobile MaKhumalo Mseleku noNkk Noma Gigaba
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa