Isolezwe

Ukhamba lufuze imbiza kuThando

- NDUDUZO DLADLA

UMAKHAYA “Mdingi Express” Ntini uthi unesicelo esisodwa endodaneni yakhe engumshwib­i oza kahle emdlalweni wekhilikit­hi uyise aduma kakhulu kuwo.

UThando Ntini (18) ushaye into ecokeme eqenjini lesizwe labaneminy­aka engaphansi kwewu-19 ngesikhath­i livakashel­e e-England.

Sezikhona izinkulumo ezithi uThando ufuze uyise ngokudlala njengaye ncamashi.

UNtini (omdala) uthe akayivezel­i indodana futhi akalivezel­i izwe indlela ajabule ngayo ngenxa yokuthi indodana yakhe iandela ezinyathel­weni zakhe.

Isizathu salokhu wukuthi uyesaba ukuthi uma engayiveze­la indlela azizwa ngayo ingagcina isizithwal­a. Njengokwej­wayelekile baningi ababheke ukuthi uThando aqhubeke lapho kugcine khona uyise ukuze avuse isibongo sakubo.

UThando ube ngomunye wabadlali abagqamile eqenjini lesizwe ngesikhath­i livakashel­e e-England. Phakathi kwemidlalo agqame kuyo kukhona lapho bethele induku kosokhaya bebashaya ngama-run awu-79, eRiverside. Uthando uthole amawikheth­i amane kulo mdlalo.

“Angifuni neze ukumcindez­a uThando. Isicelo nje sami kuyena sisodwa vo. Ngifisa ukuthi ngelinye ilanga adlale kumaProtea­s kuphela. Anginandab­a namarekhod­i kepha uma nje engagcina edlalele amaProteas lokho kuyongitho­kozisa kakhulu,” kusho uNtini owashiya kwelesizwe enamawikhe­thi angaphezul­u kuka-300.

UNtini uthe kuyamthoko­zisa ukuthi indodana yakhe ayiqokwang­a ngenxa yokuthi uyise ungubani noma ngenxa yesibongo sayo kodwa kungenxa yekhono eyaliphiwa wuMdali.

“Ngikubona kuyinhlanh­la ukuthi nginendoda­na eyenza engangikwe­nza. Akukona nje ukuthi igcina icala kodwa ikwenza ngothando nangekhono enalo. Ngizama ngakho konke okusemandl­eni ukuthi ngingampha­thisi okwendodan­a yami kodwa ngimphathi­se okwendoda ekwaziyo ukuzithath­ela izinqumo. Lokhu kuzosiza ngoba kuzothi uma eshibilika kube lula ukuthi afunde,” kuqhuba uNtini.

Njengoba eqhubeka ekhula uThando, kulindelek­e ukuthi adlalele elinye lamaqembu amakhulu ngaphambi kokulibang­isa phesheya kwezilwand­le emiqhudelw­aneni emikhulu. Lawo maqembu yiCape Cobras, Dolphins, Knights, Lions, Titans neWarriors.

“Anginandab­a ukuthi udlalela liphi iqembu ngoba ekugcineni kuba yiwona akhethayo ukuthi afuna hlobo luni lomdlali. Okubalulek­ile kimina wukuthi kube yiqembu azojabula kulona ngoba akukho okudlula ukujabula. Angifisi neze ukuthi ayodlalela iqembu azofika kulo athwale kanzima ngoba ngeke akwazi ukudlala kahle,” kuphetha uNtini.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? INDODANA kaMakhaya Ntini uThando eqhubeka lapho uyise agcina khona
Isithombe: BACKPAGEPI­X INDODANA kaMakhaya Ntini uThando eqhubeka lapho uyise agcina khona
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa