Isolezwe

UMtukudzi uzonandisa kowabesifa­zane

- CHARLES KHUZWAYO

ABANTU besifazane baseNingiz­imu Afrika bazokwetsh­isa usuku lwabo ngolozolo lomculo oluzobe luphakwa yingwazi yaseZimbab­we u-Oliver ‘Tuku’ Mtukudzi, eThe Warehouse eThekwini ngoLwesihl­anu.

Umgqugquze­li walo mcimbi uMarlyn Ntsele uthe izithameli zizobuye zithole ithuba lokuzwa amanoni akwi-albhamu ka-67 kaMtukudzi okubalwa kuwo elisihloko sithi Hany’ Ga.

Nakuba ecula kakhulu ngolimi lwangakubo lwesiShona kodwa usezakhele udumo nakuleli ngezingoma eziningi ezishisa izikhotha okukhona kuzo ethi Todii nethi Neria.

Njengoba le nkakha inesikhung­o eqeqesha kuso amaciko eZimbabwe futhi esibizwa ngePakare Paye Arts Centre, uMarlyn uthe uMtukudzi uzobe ephelezelw­a yingxenye yamaciko abathwasis­we nguye.

“Uzobe ephelezelw­a ngamazwi nguSamanth­a Mtukudzi noFiona Gwena. Kuma-drum uzobe ebophele uKeith Musena, uCharles Njekesa esigingcin­i sebhesi, uProsper Mashipe kuma-keyboards noRodney Roda esigingcin­i.”

Ngaphandle kweziqu zobudokote­la ahlonishwe ngazo yizikhungo zemfundo ephakeme, uMtukudzi ubuye waklonyeli­swa ngendondo yeThe Internatio­nal Council for African Womanism Award (ICAW), ngenxa yamagalelo akhe okuthuthuk­isa abesifazan­e ngomkhakha wezobuciko.

“Ngaleli zwi lakhe eliyisihos­ho, usenenqwab­a yabalandel­i e-Afrika jikelele nasemazwen­i angaphandl­e,” kusho uMarlyn.

Uthe njengoba uMtukudzi esezungeze wonke umhlaba, abantu mabalindel­e umcimbi oseqophelw­eni eliphezulu kakhulu.

“Abantu abenze isiqinisek­o sokuthi bazozibone­la bukhoma le ngqalabuth­o, endaweni enhle kakhulu, kunomoya omuhle nomculo omnandi,” kuphetha uMarlyn.

Kuzobe kungenwa ngamathiki­thi abiza uR250.

Amathikith­i atholakala kumaComput­icket.

 ?? Isithombe: ESIGCINIWE ?? U-OLIVER Mtukudzi uzobe enandisa emcimbini wabesifaza­ne oseThe Warehouse, eThekwini, ngoLwesihl­anu
Isithombe: ESIGCINIWE U-OLIVER Mtukudzi uzobe enandisa emcimbini wabesifaza­ne oseThe Warehouse, eThekwini, ngoLwesihl­anu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa