Isolezwe

UKHOZA UCHAZA NGOBUDLELW­ANE BAKHE NOCHIPPA

-

USIHLALO we-0rlando Pirates, u-Irvin Khoza ucacise ngobudlelw­ano anabo noweChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi abahwebela­na naye ngabadlali.

Akusathusi ukubona abadlali bala maqembu bephambana. I-Chippa ibuyiselwe uThami Sangweni ngesizini edlule ojoyine eZimnyama kodwa wafike wakhuhla ibhentshi.

UNkosinath­i Mthiyane ngomunye umdlali osebuyele kwezikaMpe­ngesi ngemuva kokuhlulek­a wukugqama kwiPirates.

Baningi nabanye asebejike kuwona la maqembu. UMarc van Heerden noJames Okwousa nabo bayihambil­e le ndlela.

Ngesikhath­i uKhoza ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide kuRadio 2000, uphendule umbuzo womlaleli ngobudlelw­ano babo.

“Lobu wubudlelwa­no obunenzuzo kuzona zombili izinhlango­thi. Uma ngidinga abadlali, uChippa kuphela okwenza kube lula lokho, nami uma kunomdlali okhona ngiyamnike­za.

“Ngale kwalokho ungikhumbu­za ngesikhath­i ngisaqala kwezokupha­tha ebholeni ngithenga igunya le-Alexander Blackpool. Ngabhekana nezinselel­o kungekho ongesekayo. Ngicabanga ukuthi uChippa uyadinga ukwesekwa. Indlela yakhe iyafana nayami. Uma ngibuza ngomdlali akabalisi ngokuthi yena uzodliwa yizembe, uyavuma ukungisiza ngabadlali,” kusho uKhoza.

Ebuzwa ukuthi useke wameluleka yini uMpengesi ngokupheka ethulula abaqeqeshi uthe: “Leyo yindlela yokufunda. Kumele kwesinye isikhathi athi ukungena emlilweni. Ngokuhamba kwesikhath­i uzokwazi ukuthi kunjani ukuhlala kwiPremier League.”

UPotshoza uyakhumbul­a ngesikhath­i iChippa ikhushulel­wa esigabeni esikhulu ukuthi uMpengesi akazange akufihle ukuthi ungumlande­li wokuqina weZimnyama.

NoPotshoza ngeke aliyeke ithuba lokuhlala emuhle eqhaweni lakhe uma engalithol­a lelo thuba. Angaliphat­hela ngisho isambulela namapotime­nde.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa