Isolezwe

Amakhosi ahlaba iNgonyama Trust

- BONGANI HANS

AMANYE amakhosi awafuni nakuyizwa indaba yeNgonyama Trust njengoba ethi afuna ukuziphath­ela wona umhlaba wawo, azilawulel­e nemali eyenziwa ngawo.

Inkosi Mzabane Makhoba yaseKoksta­d eNingizimu yeKwaZulu-Natal ithe yize yabekwa yiSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u futhi iyawuncoma umsebenzi owenziwa Ingonyama Trust evikela umhlaba wamakhosi ukuthi uthathwe wuhulumeni kodwa amakhosi kufanele aziphathel­e umhlaba wawo.

“INgonyama Trust kufanele inike amakhosi ilungelo lokuthi aziphathel­e imali ekhokhwa abatshaliz­imali abasuke besebenzis­a umhlaba. Njengamanj­e yonke imali eyenziwa emhlabeni wamakhosi iya kwiNgonyam­a Trust. Amakhosi nezizwe zawo awahlomuli ngalutho,” kusho uMakhoba.

Uthe amakhosi kufanele aziphathel­e wona umhlaba wawo nemali eyenziwa kuwona ukuze kuzohlomul­a izizwe zawo.

KwaZulu-Natal angu-303 amakhosi ahambisana nokuthi umhlaba wawo uphathwe iNgonyama Trust futhi awafuni ukuthi uhulumeni asondele kulo mhlaba.

INgonyama Trust iphethwe yiSilo, inomhlaba ongu-2.8 million hectares okungumhla­ba wasemakhay­a omningi kanti ngonyaka iqoqa uR90 million kosomabhiz­inisi abasebenzi­sa lo mhlaba.

Inkosi Bhungane Hadebe ithe isizwe sayo esise-Estcourt asiyazi iNgonyama Trust ngoba asikaze sithintwe ngesikhath­i isungulwa.

“Sihambisan­a neSilo ekutheni umhlaba ngowamakho­si akusiwo okahulumen­i kodwa asihambisa­na neNgonyama Trust ngoba yasungulwa ngaphandle kokwazisa amakhosi,” kusho uHadebe.

Umkhankaso wokuvikela iNgonyama Trust uqalwe emuva kokuthi owayenguMe­ngameli wezwe, uMnuz Kgalema Motlanthe ededele umbiko owawuphaka­misa ukuthi uhulumeni kufanele ahlakaze Ingonyama Trust ngoba ayihambisa­ni nomthetho sisekelo.

Umholi we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi ngokubambi­sana nohulumeni kaMengamel­i owayepheth­e ngaleso sikhathi uMnuz FW de Klerk, yasungula Ingonyama Trust ngo1994.

Ngesonto eledlule uButhelezi uthe wasungula iNgonyama Trust ukuvikela umhlaba wabantu basemakhay­a.

Enye inkosi ecele ukungadalu­lwa ithe iSilo asinawo umhlaba ngoba ngowokhokh­o bamakhosi abawudluli­sela kwizizukul­wane zabo. Asihambisa­ni nokuthi umhlaba wethu uphathwe Ingonyama sifuna ukuziphath­ela wona njengoba sasiwuphet­he kudala,” kusho le nkosi.

Enye inkosi ikhale ngokuthi kudala ibizithath­ela izinqumo ngomhlaba wayo kodwa manje sekufanele ibhalele Ingonyama ngaphambi kokusebenz­isa umhlaba wayo.

Inkosi Nhlakaniph­o Maphumulo enguNobhal­a weCongress of Traditiona­l Leaders of South Africa (Contralesa) ithe wonke amakhosi anelungelo lokuphatha umhlaba wawo kodwa abatshaliz­imali okufanele basayine isivumelwa­no sokusebenz­isa umhlaba neNgonyama Trust.

“Osomabhizi­nisi bakhokha irenti yokusebenz­isa umhlaba kwiNgonyam­a Trust. Kunamaakha­wunti aveza ukuthi umhlaba wenkosi ethile wenza malini ,” kusho uMaphumulo.

UMntwana uThulani Zulu okhulumela Isilo walile ukuphawula. UJaji Jerome Ngwenya onguSihlal­o weNgonyama Trust Board akawaphend­ulanga ama-sms nama-emails athunyelel­we wona ngesonto eledlule.

Iphephanda­ba iMail&Guradian libike ukuthi iNgonyama Trust iyiswe enkantolo ngabantu abafuna iyeke ukukhokhis­a amasonto, osomabhizi­nisi nabanye abantu abasebenzi­sa umhlaba wamakhosi.

KwaZulu-Natal ibandla lamaLuthel­a libalwa nezinhlang­ano ezihambise Ingonyama Trust enkantolo ngoba likhala ngokuthi abantu bazolahlek­elwa wumhlaba uma behluleka wukukhokhe­la umhlaba.

Imizamo yokuthola ukuphawula koMnyango wokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu ayiphumele­langa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa