Kushone ibhungu (18) kudutshulwana eBurlington
KUSHONE owesilisa (18) emuva kokudutshulwa ngabantu okuthiwa abophiko lwezokudliwa komhlaba kuMasipala weTheku, eBurlington, eduze kwaseQueensburgh.
Udadewabo kaMnuz Siyanda Ndlovu, uNksz Ntombenhle Ndlovu, uthe umfowabo ushone esendleleni eya esibhedlela ngoMgqibelo emuva kokudutshulwa entanyeni nasesiswini.
USuperintendent Glen Ndlovu, okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uthe kube nokudubulana phakathi kwabantu baseBurlington nonogada bakwamasipala.
“Ngesikhathi sifika kule ndawo asizange sidubule muntu. Asazi ukuthi wubani odubula kuqala phakathi kwamalungu omphakathi waseBurlington nonogada bakamasipala ngoba besingakafiki,” kusho uNdlovu.
UNksz Ndlovu uthe uSiyanda ubengeyena umuntu odla umhlaba kodwa ubehleli kubo. “Ngesikhathi edutshulwa ubephethe uR180 abezothenga ngawo amanabukeni engane. Siphatheke kabi ukuthi ushonile, asazi nokuthi sizomngcwaba ngani ngoba abazali bethu sebashona futhi akusebenzi muntu ekhaya,” kusho uNksz Ndlovu.
UNksz Ndlovu ubegone indodana yakhe uLiso enezinyanga eziyisithupha ngesikhathi ekhuluma nezintatheli izolo ekhaya labo eliseduze kwendawo ebidliwa ngabafuna ukwakha ngenkani.
Abanye omakhelwane bathe uNdlovu ubulawe ngoba esola onogada ngokuba nesihluku.
“Ngesikhathi kuqala umbhikisho ngo-9 ekuseni ngizwe kuqhuma isibhamu, ngaya ngaphandle. Ngibone unogada ongibize ngesif*&% wathi angibuyele endlini. Ngithe uma ngiya endlini ngathola abantu ababili becashe embhedeni, omunye wabo bekuwuSiyanda obebomvu opha. Ucele ukuthi ngimkhumule ijakhethi wathi uma ezama ukusukuma washaywa wonogada,” kusho omunye umakhelwane ocele ukungadalulwa.
Umfowabo kaSiyanda, u-Akhona, uthe ngesikhathi eyolanda uSiyanda umfice esephelelwa ngamandla, bamphuthumisa esibhedlela kodwa washona.
Isolezwe lithole ukuthi abantu abafuna ukudla umhlaba ngenkani baqale ukususa isikhotha ngoLwesine ngoba bekhala ngokuthi izindlu zabo zomxhaso ababethenjiswe zona sezizonikwa abanye.
UMnuz Mbuyiselo Mbatha uthe kudala bahlala koLindela kwathiwa bazokwakhelwa izindlu zomxhaso kodwa okuxakayo wukuthi izindlu obekuthiwe zizokwakhiwa ngo-Ephreli namanje azikakhiwa. Kunalokho kugcwele amahlebezi okuthi sezidayisiwe.
“Sikhathele wukulinda izindlu zomxhaso. Abanye abantu abadla umhlaba nathi bayarenta la eBurlington. Thina sizwa kuthiwa izindlu sezidayisiwe, abanye batshelwe ukuthi izindlu zizonikwa abantu abahlala KwaNdengezi,” kusho uMbatha.
UMnuz Khayalethu July ongumholi wabadla umhlaba ukuqinisekisile ukuthi izindlu “zabo” kuthiwa zizonikwa abantu baKwaNdengezi.
“Sekuphele iminyaka ewu-18 ngirenta, ngikhokha uR800 ngenyanga. Angisakwazi ukulinda ngifuna indlu yami noma umhlaba ukuze ngizakhele,” kusho uJuly.
Umphathi wezokuXhumana osabambile kuMasipala weTheku, uMnuz Mandla Nsele, uthe amalungu ophiko lokudliwa komhlaba ahlaselwe ngesikhathi eyovimba abantu akade befuna ukwakha ngenkani.
“Umsebenzi wethu udutshuliwe kwathi omunye washaywa ekhanda ngesikhathi besebenza. Umasipala uvule icala lokuzama ukubulala wacela amaphoyisa ukuthi aphenye ngakho konke okwenzeke eBurlington. Kuzophinde kube nophenyo lwangaphakathi kumasipala,” kusho uNsele.