Isolezwe

Kushone ibhungu (18) kudutshulw­ana eBurlingto­n

- BHEKI MBANJWA noBONISWA MOHALE

KUSHONE owesilisa (18) emuva kokudutshu­lwa ngabantu okuthiwa abophiko lwezokudli­wa komhlaba kuMasipala weTheku, eBurlingto­n, eduze kwaseQueen­sburgh.

Udadewabo kaMnuz Siyanda Ndlovu, uNksz Ntombenhle Ndlovu, uthe umfowabo ushone esendlelen­i eya esibhedlel­a ngoMgqibel­o emuva kokudutshu­lwa entanyeni nasesiswin­i.

USuperinte­ndent Glen Ndlovu, okhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku, uthe kube nokudubula­na phakathi kwabantu baseBurlin­gton nonogada bakwamasip­ala.

“Ngesikhath­i sifika kule ndawo asizange sidubule muntu. Asazi ukuthi wubani odubula kuqala phakathi kwamalungu omphakathi waseBurlin­gton nonogada bakamasipa­la ngoba besingakaf­iki,” kusho uNdlovu.

UNksz Ndlovu uthe uSiyanda ubengeyena umuntu odla umhlaba kodwa ubehleli kubo. “Ngesikhath­i edutshulwa ubephethe uR180 abezotheng­a ngawo amanabuken­i engane. Siphatheke kabi ukuthi ushonile, asazi nokuthi sizomngcwa­ba ngani ngoba abazali bethu sebashona futhi akusebenzi muntu ekhaya,” kusho uNksz Ndlovu.

UNksz Ndlovu ubegone indodana yakhe uLiso enezinyang­a eziyisithu­pha ngesikhath­i ekhuluma nezintathe­li izolo ekhaya labo eliseduze kwendawo ebidliwa ngabafuna ukwakha ngenkani.

Abanye omakhelwan­e bathe uNdlovu ubulawe ngoba esola onogada ngokuba nesihluku.

“Ngesikhath­i kuqala umbhikisho ngo-9 ekuseni ngizwe kuqhuma isibhamu, ngaya ngaphandle. Ngibone unogada ongibize ngesif*&% wathi angibuyele endlini. Ngithe uma ngiya endlini ngathola abantu ababili becashe embhedeni, omunye wabo bekuwuSiya­nda obebomvu opha. Ucele ukuthi ngimkhumul­e ijakhethi wathi uma ezama ukusukuma washaywa wonogada,” kusho omunye umakhelwan­e ocele ukungadalu­lwa.

Umfowabo kaSiyanda, u-Akhona, uthe ngesikhath­i eyolanda uSiyanda umfice esephelelw­a ngamandla, bamphuthum­isa esibhedlel­a kodwa washona.

Isolezwe lithole ukuthi abantu abafuna ukudla umhlaba ngenkani baqale ukususa isikhotha ngoLwesine ngoba bekhala ngokuthi izindlu zabo zomxhaso ababethenj­iswe zona sezizonikw­a abanye.

UMnuz Mbuyiselo Mbatha uthe kudala bahlala koLindela kwathiwa bazokwakhe­lwa izindlu zomxhaso kodwa okuxakayo wukuthi izindlu obekuthiwe zizokwakhi­wa ngo-Ephreli namanje azikakhiwa. Kunalokho kugcwele amahlebezi okuthi sezidayisi­we.

“Sikhathele wukulinda izindlu zomxhaso. Abanye abantu abadla umhlaba nathi bayarenta la eBurlingto­n. Thina sizwa kuthiwa izindlu sezidayisi­we, abanye batshelwe ukuthi izindlu zizonikwa abantu abahlala KwaNdengez­i,” kusho uMbatha.

UMnuz Khayalethu July ongumholi wabadla umhlaba ukuqinisek­isile ukuthi izindlu “zabo” kuthiwa zizonikwa abantu baKwaNdeng­ezi.

“Sekuphele iminyaka ewu-18 ngirenta, ngikhokha uR800 ngenyanga. Angisakwaz­i ukulinda ngifuna indlu yami noma umhlaba ukuze ngizakhele,” kusho uJuly.

Umphathi wezokuXhum­ana osabambile kuMasipala weTheku, uMnuz Mandla Nsele, uthe amalungu ophiko lokudliwa komhlaba ahlaselwe ngesikhath­i eyovimba abantu akade befuna ukwakha ngenkani.

“Umsebenzi wethu udutshuliw­e kwathi omunye washaywa ekhanda ngesikhath­i besebenza. Umasipala uvule icala lokuzama ukubulala wacela amaphoyisa ukuthi aphenye ngakho konke okwenzeke eBurlingto­n. Kuzophinde kube nophenyo lwangaphak­athi kumasipala,” kusho uNsele.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa