‘Shiya umuzi ohlukunyezwa kuwo’
UMENGAMELI we-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi unxuse abantu besifazane ukuthi bahambe emizini abakuhlukunyezwa kuyona ikakhulukazi uma labo ababahlukumezayo benenkinga yezidakamizwa.
Ekhuluma kuhlangene i-IFP Women’s Brigade eNgwelezane, eMpangeni, ngoMgqibelo, uButhelezi uthe abantu besifazane akumele babekezelele ukuhlukunyezwa.
“Ngiyanikhuthaza ukuthi nibumbane, uma wazi ukuthi udadewenu noma umakhelwane wakho uyahlukunyezwa, msize, benzeni labo abahlukunyezwayo bazi ukuthi ababodwa, nibatshele futhi ukuthi abakufanele lokho okwenziwa kubona, kumele futhi nibikele namaphoyisa noma izinhlangano ezizimele, kwezinye izehlakalo kubalulekile ukuthi owesifazane ohlukunyezwayo aphume ngokushesha kulelo khaya angaze alinde amathonsi abanzi,” kusho uButhelezi.
Uthe ngeshwa liphezulu izinga lokubulawa nokuzama ukubulawa kwabesifazane yizithandwa zabo ezweni.
“Lesi yisithombe esingesihle ngezwe lethu, lapho abesifazane namantombazane behlaselwa kalula, le nto kumele iphele futhi sidinga ukungenelela okubonakalayo okuvela kuhulumeni,” kusho uButhelezi.
Uthe ngesikhathi esenguNdunankulu waKwaZulu bawaqeda amalungelo amadoda ayewavumela ukuthi ashaye abantu besifazane.
“Le nto iwubulwane akukwazi ukuthi indoda noma isoka lingathi linelungelo lokubeka isandla umuntu elithandana naye,” kusho uButhelezi.
Utuse igalelo labantu besifazane, wathi bahlale bephambili emzabalazweni.
UButhelezi uphinde wakhuluma kabanzi ngezinto eziqondene nempilo yakhe.
“Ngibusisiwe ngokuthi sengishade iminyaka engu-66, nenkosikazi yami futhi engingangabazi ukuthi iyidwala lami, unkosikazi wami ungifundise ukubekezela nothando,” kusho uButhelezi.
Uthe njengabanye besifazane unkosikazi wakhe uselahlekelwe izingane eziningi okuyinto ebuhlungu ukudlula kuyona.
“Eminyakeni edlule ngifunde izinto eziningi nasemadodakazini ami, eminyakeni engu-14, eyedlule enye yamadodakazi ami yathola ukuthi ine-HIV, ngaleso sikhathi abantu babengakhulumi ngalesi sifo, muva nje sisanda kushonelwa yindodana ngesifo sengculazi,” kusho uButhelezi.
Uthe yingakho beyi-IFP belwela ukuthi abantu bahlinzekwe ngezempilo ezingcono.