Isolezwe

Kuvalwe amasonto kukhalwa ngabefundi­si

- PHILI MJOLI

ABEVALWE ngezingidi amasango amasonto amabandla amabili aKwaMashu izolo, bekhala ngabefundi­si.

Izolo amaLuthela akhonza egatsheni laKwaMashu, eSangweni,elikwa-F, elidume ngokuthi yisonto loZalo ngenxa yokuthi umdlalo we-tv, Uzalo lusebenzis­a leli sonto uma ludlala indawo yesonto, agcine ebamba umhlangano lapho kupakwa khona izimoto, isango lesonto likhiywe ngezingidi, ezintsha.

Esangweni bekunanyat­hiselwe amaphepha athi umfundisi (KB Maseko) onezinyang­a ezintathu engalubhad­i kuleli gatsha, uyalixova, futhi unabantu abathanday­o nangabatha­ndi.

Kuthiwa izinkinga ziqale kuleli gatsha ngesikhath­i umfundisi nowakwakhe bekhombisa ukungasese­ki isigungu esisha sokuphathw­a kwesonto esikhethwe ngoMashi, ngoba kuphume abantu abefuna babuyele kulo mkhandlu behlulwa okhethweni.

Kuthiwa isigungu esisha sokuphathw­a kwaleli gatsha esiholwa uNkk Nonhlanhla Khanyile asizange sinikwe ngokusemth­ethweni izintambo obekumele kwenziwe ngoMeyi.

Kuthiwa umkhandlu omdala bekumele ubikele ibandla ukuthi ushiye kukhona imali engakanani esikhwamen­i sebandla, uchaze wenzeni kule minyaka eyisithuph­a uphethe, uchaze nangezinko­ntileka zaleli bandla nabathile okubalwa neyoZalo, kodwa alizange likwenze lokho. UNkk Khanyile uvumile ukuthi leli gatsha linezinkin­ga, wathi umkhandlu awuholayo uhambise uhla lwezikhalo enhlokohho­visi, kodwa kwathiwa abayilande­langa imigomo yokufaka izikhalo.

“INamhlanje bekumele sibikele ibandla ukuthi sesihambe sagcina kuphi, sesifika kuvalwe amasango,” kusho yena.

USihlalo womkhandlu saseNtuzum­a, igatsha laKwaMashu elingaphan­si kwaso, uMnuz Thabani Mazibuko, uthe abanalo igunya lokungena bagxile edabeni oselwedlul­iselwe ezingeni elingaphez­ulu kwabo, njengoba selubikwe kumphathi wesifunda saseThekwi­ni. Uthe udaba lokungenel­iseki kwamanye amalungu ebandla lwadingidw­a umkhandlu omusha ngoMeyi asibanga khona isisombulu­lo base bethumela amaminithi alowo mhlangano kwisekethe (eThekwini).

Uthe bezwile ukuthi kube nokuphazam­iseka kwenkonzo ekuseni, okuyinto ebashaqisi­le nabo.E-Apostolic Faith Mission, KwaC, KwaMashu ebuye yaziwe ngeMaranat­ha nakhona amalungu aleli bandla abegcwele ngaphandle, amasango ekhiywe yingxenye yamakholwa aleli bandla abebhikish­a ethi umfundisi wawo akayindawo.

Abesho kanjena nje ngoba isifunda saleli bandla saseThekwi­ni besizobike­la amakholwa ukuthi umfundisi waleli gatsha uzogcina ezinyangen­i ezimbili ngoba utholakale enamacala okwephula imithetho yebandla.

Abahambisa­na noPastor Simon Mdletshe bebethi uboshelwe amanqina enyathi wethweswa amacala osekuthiwa utholakale enecala kuwo.

Ngaphandle kwesango amakholwa abehlukene kabili amanye ethi akahambe, amanye ethi akayindawo.

UPastor Tyrone Goliath wesifunda saseThekwi­ni uthe uMdletshe ubephenywa ngamacala yinhlokohh­ovisi, okukhona kuwo awokuseben­zisa budlabha imali, ukuhlangan­isa igatsha laKwaMashu nelaseNand­a wakha igatsha elilodwa elaziwa ngeMaranat­ha engayithol­anga imvume kwabamphet­he.

Uqhube wathi uMdletshe wawavuma amacala ayebekwe wona. Kusukela izolo uthe leli gatsha lizolawulw­a yisifunda, uma esehambile kuzolethwa umfundisi omusha. Lezi zindaba zimenyezel­we ngombhobho khona ngaphandle kwesonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa