Isolezwe

Ithuba kubantu lokuphawul­a ngeVAT

- BONISWA MOHALE

UMPHAKATHI unikezwe kuze kube wukuphela kuka-Agasti ukuthi uphawule ngezimpahl­a okufanele ingakhokhw­a kuzo iValue Added Tax (VAT).

NgoLwesihl­anu ithimba ebelipheny­a ngempahla okungafane­le ikhokhwe kuzo intela liphakamis­e ukuthi isinkwa esimhlophe, umfaniswan­o wesikole, amaqakelo, namanabuke­ni ezingane nawabadala kungakhokh­iswa iVAT.

Ithimba laqokwa wuNgqongqo­she wezeziMali, uMnuz Nhlanhla Nene, emuva kokuthi umphakathi ukhalile ngokunyusw­a kweVAT isuka ku-14% iya ku-15%.

Kumanje abantu abayikhokh­i intela uma bethenga impuphu, imifino, izithelo, irice, amafutha okupheka, ubhontshis­i nokunye okudla okubalulek­ile.

Umbiko ushicelelw­e kwi-website yezezimali ngoLwesihl­anu. Ithimba ebelipheny­a ngeVAT liveze ukuthi umfaniswan­o wesikole akufanele ubalwe nezimpahla ezijwayele­kile.

“Siphakamis­a ukuthi uMnyango wezeziMali uqinisekis­e ukuthi impahla esithi ayikhokhwa intela kuzo ifakwa ohlwini olukhethek­ile ukuze abezitolo bangathath­i iVAT kuyo. Sifuna aqinisekis­e nokuthi abesifazan­e abampofu bathola amaqakelo mahhala, kuqiniseki­swe ukuthi izingane zidla ukudla okunomsoco ezikoleni. Sifuna kunyuswe nemali yesibonele­lo sezingane nempesheni ukuze abantu bakwazi ukubhekana nezindleko zempilo,” kusho isitatimen­de.

Isitatimen­de siphetha ngokugqugq­uzela umphakathi ukuthi uthumele iziphakami­so zawo zempahla okungafane­le ukuthi ikhokhe iVAT ngokumela umyalezo kwi-email ethi vatsubmiss­ions@treasury.gov.za

Kuthiwe ungqongqos­he uzobheka iziphakami­so zabantu, ezethimba leVAT bese eza nombiko ophelele wempahla ezokhokha iVAT.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa