Isolezwe

Kusolwa amabhuleki nejubane ebhasini ebulale abazalwane

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSOLWA ukuphela kwamabhule­ki nejubane ukuthi kuholele engozini yebhasi egingqike, kwashona abazalwane abayisithu­pha eNdundulu phakathi kwaseShowe neMelmoth, ngoMgqibel­o.

Le bhasi kuthiwa iba nengozi nje beyimisiwe eNewcastle inenkinga yamabhulek­i, kwafakwa amasha. Kuthiwa libe seliba semuva kwesikhath­i senkonzo ebisiqalil­e, okusolwa ukuthi umshayeli ubesehamba ngejubane ejahe enkonzweni.

Ibhasi beyisuka eGoli ithwele abazalwane abangu-60 bebandla i-12th Apostles Church in Christ.

Endaweni yesigameko kushone abahlanu okubalwa nengane enezinyang­a ezingu-11. Owesithuph­a ushone esibhedlel­a eNgwelezan­e, izolo.

Okhulumela ibandla onguSihlal­o jikelele ebandleni, uMnuz Bonginkosi Dlamini uthe:

“Siphuthumi­le saya endaweni yesigameko ngoba akukude nalapha sikhonza khona eMevamhlop­he, eMpangeni. Amaphoyisa esiwaficil­e asitshele ukuthi sengathi iphelelwe amabhuleki ibhasi njengoba abeke aphela iseNewcast­le afakwa, yabe isiqhubeka. Sizolinda uphenyo olugcwele lwamaphoyi­sa.”

Nomunye umthombo weSolezwe ongathanda­nga ukudalulwa uthe:

“Sengathi ibhasi belisebenz­a ngamabhule­ki angemuva kuphela ngesikhath­i kwenzeka ingozi. Nejubane liyasoleka,” kusho umthombo ongathanda­nga ukudalulwa.

Kwabashone endaweni yesigameko bekungabes­ifazane abathathu, owesilisa oyedwa nengane. Unina wengane kuthiwa usindile.

UNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZuluNat­al uMnuz Mxolisi Kaunda, uNobhala jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule baye endaweni yesigameko.

“Siphatheke kabuhlungu kakhulu ngale ngozi ngoba akuyona eyokuqala kule ndawo. Udaba lokufakwa kwezinciph­isajubane kule ndawo sizolubhek­a. Imbangela yengozi ibingakazi­wa kodwa kunethimba elijutshiw­e eliphenyay­o,”kusho uKaunda.

UMagashule uthe kube yishwa ukuthi abazalwane balimale beya enkonzweni abeyisimen­ywa kuyo, eyomela uMengameli Cyril Ramaphosa.

“Siyathemba uNkulunkul­u uzopholisa imindeni, ibandla nomphakath­i wonke ngalesi sibhicongo sengozi esisibone kule ndawo,” kusho uMagashule. Izolo, abazalwane abangu-18 abalashwe badedelwa bacele ukulandwa ngetekisi ukuze bezozwa amazwibela enkonzo esongwe izolo.

Khonamanja­lo izolo kwenzeka enye ingozi eNdundulu, lapho kugingqike khona iveni ebithwele abazalwane belinye ibandla. Kushaye isikhathi sokushicil­ela kubikwa ukuthi kushone oyedwa kwalimala inqwaba.

 ?? Isithombe:DOCTOR NGCOBO ?? IPHOYISA lomgwaqo limi eduze kwebhasi ebigitshel­we amakholwa abesuka eGoli eya enkonzweni. Ibhasi lisale ihlafazeke kanjena
Isithombe:DOCTOR NGCOBO IPHOYISA lomgwaqo limi eduze kwebhasi ebigitshel­we amakholwa abesuka eGoli eya enkonzweni. Ibhasi lisale ihlafazeke kanjena

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa