Isolezwe

Ushise izimpahla zomembeso womnakwabo

- MLUNGISI GUMEDE

UQHUBEKE sekumuncu umcimbi womembeso eNgonyamen­i, eduze kwaseMlaza, izolo ngemuva kokushiswa kwezimpahl­a zomcimbi okuthiwa zishiswe yinkosikaz­i endala yendoda ebisimbesa ingoduso yesibili.

Phezu kokuba izimpahla eziningi zishile kwasala izingubo ezimbalwa kodwa umcimbi ugcine uqhubekile.

Inkosikazi endala kuthiwa ifike nemoto ebilethe izimpahla. Kuthe kusaphele isikhashan­a esincane izimpahla zehlisiwe, ibe isikhipha u-2 litha kaphethrol­i yabhunyela izimpahla yabe isizishisa.

Lokhu kuthiwa kwenzeke abantu abaningi bengakafik­i emcimbini. Kuthiwa izingane ebezikhona zizamile ukukhuza kodwa inkosikazi endala yazidonsel­a isibhamu zabaleka.

Kuthiwa ithe ingashisa izimpahla yabe seyihamba.

Amaphoyisa afikile endaweni okwenzeke kuyo lokhu kodwa angabopha muntu ngoba icala belingavul­iwe.

Umthombo weSolezwe uthe uyoyixolel­a amagwababa echobana into eyenzeke emcimbini.

“Besikade size emcimbini womembeso. Inkosikazi endala ifike yashisa zonke izimpahla ngoba ingafuni ukuthi indoda yayo ithathe inkosikazi yesibili,” kusho umthombo.

Uthe inkosikazi endala ifike nezimpahla kwaba sengathi nayo ize emcimbini.

Uthe basola ukuthi inkosikazi endala ibingafuni ukuthi umyeni wayo athathe inkosikazi yesibili.

“Owesilisa, ongumshuma­yeli ebandleni lakwaShemb­e, ubesefuna ukuganwa yinkosikaz­i yesibili ngoba ibandla lakhe liyamvumel­a,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa abikelwe ngokwenzek­ile.

“Amaphoyisa ayile endaweni yesigameko ngemuva kokulunywa indlebe kodwa abuye azihambela ngoba alikho icala ebelisavul­iwe,” kusho uMbele.

Imizamo yokuthola abaqondene nodaba ayizange iphumelele izolo ngenxa yesiphithi­phithi ebesidalwa wukuba khona komcimbi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa