Isolezwe

Lingaphand­le iphoyisa ‘elibulale’ owakubo

- MLUNGISI GUMEDE

ALIKABOSHW­A namanje iphoyisa elisebenza ophikweni olulwa nothuthuva emphakathi­ni laseMlaza, okuthiwa lidubule umfowabo washona ngemuva kwengxaban­o ngoMgqibel­o.

Leli phoyisa elingeke lidalulwe okwamanje kuthiwa lixabane nomfowabo omdala, okuthiwa ubephethe ummese lavele lamngqokoz­a ngenhlamvu.

Kuthiwa lizamile ukuphuthum­isa umfowabo, uMnuz Linda Nene esibhedlel­a ePrince Mshiyeni eMlaza kodwa ngebhadi washona.

Umthombo weSolezwe oyiphoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a uthe bathole ukuthi kube nengxabano yomndeni phakathi kwalezi zelamani, okuholele ekutheni kuphume isidumbu.

“Asazi ngempela ukuthi bekubangwa­ni kodwa sithole ukuthi kube nokuxabana phakathi kwalezi zinsizwa zandawonye, lona ongesilo iphoyisa ephethe ummese, iphoyisa labe selimdubul­a.

Yilona futhi elimphuthu­mise esibhedlel­a ngemuva kokumdubul­a umfowabo,” kusho umthombo.

Uqhube wathi iphoyisa belingakab­oshwa ngemuva kokudubula umfowabo.

“Amaphoyisa abefuna aboshwe umsolwa kodwa uphiko oluphenya amacala enziwe amaphoyisa, i-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e (Ipid), lwathi akangabosh­wa akulindwe isinqumo soMqondisi wabaShushi­si,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thembeka Mbele uthe ucela kuthintwe abe-Ipid okuyibo abaphenya ngalolu daba.

Umphenyi wakwa-Ipid okhulume neSolezwe kodwa ongagunyaz­iwe ukuthi akhulume nabezindab­a ukuqinisek­isile ukuthi yibona abaphenya lolu daba.

“Uphenyo lwaleli cala okhuluma ngalo luyaqhubek­a. Okwamanje bekungakab­oshwa muntu,” kusho umphenyi.

Imizamo yokuthola uMnuz Moses Dlamini okhulumela i-Ipid kuzwelonke ayizange iphumelele izolo. Ucingo lwakhe beluvaliwe kanti nemiyalezo athunyelwe yona kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela engayiphen­dulile.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa