Umphakathi awusabuthi quthu ngenxa yamasela
UKHATHAZEKILE umphakathi waseMsinga ngokwanda kwezigameko zokwebiwa kwemfuyo yawo osola amaphoyisa ngokudembesela, kungaboshwa muntu.
Amalungu omphakathi waseMsinga atshele Isolezwe ukuthi awusabulali ubuthongo egade imfuyo yawo njengoba sekujwayelekile ukuthi kuse ekuseni isibaya sikhala ibhungezi.
Kuthiwa ingaphezu kuka100 imfuyo elahleke esikhathini esingangenyanga, amacala bewavula kodwa kungaboshwa muntu nemfuyo ingatholakali.
Imfuyo kuthiwa ikhishwa esibayeni abasolwa, kokunye ithathwe isemadlelweni.
UMnuz Jamu Buthelezi ungomunye othe kumhlukumeze kakhulu ukuntshontshelwa imfuyo yakhe evula amacala emaphoyiseni kodwa kungabi bikho okwenzekalayo.
“Esikhathini esiyinyanga sekunemfuyo engaphezu kuka-100 elahlekile. Kuba umuzi owodwa olahlekelwa izimbuzi ezingu-11, komunye zibe u-10 komunye kube u-16. Lesi simo senza singahlali kahle. Usizo asilutholi nasemaphoyiseni uma sivula amacala ngoba imfuyo ayibuyi nabasolwa ababoshwa,” kusho uButhelezi.
Uthe kusukela ngoMashi uyise untshontshelwe izimbuzi ezingu-11 yena kwalahleka ezakhe eziyisikhombisa.
“Imfuyo yethu sesihlala ngokuyigada ubusuku nemini. Yize kunjalo iyantshontshwa. Asazi ukuthi kumele senzenjani manje ngoba sibikile nakubaholi emphakathini nasemaphoyiseni,” kusho uButhelezi.
Induna yaseSampofu khona eMsinga, uMnuz Mzungezwa Mtungwa uvumile ukuthi babhekene nenselelo yokwebiwa kwemfuyo yabo.
“Umphakathi ukhathazekile kakhulu ngalesi sihlava sokwebiwa kwemfuyo esixakile endaweni. Amacala ayavulwa nabasolwa bayaziwa kodwa ababoshwa. Okuyinselelo enkulu ukuthi abanye abasolwa bayavuma amacala bethi bazoyikhokha imfuyo kodwa kungenzeki,” kusho uMtungwa.
Uthe kukaningi benza imihlangano bekhuluma nomphakathi kodwa kube nhlanga zimuka nomoya njengoba kulokhu kwanda ukwebiwa kwemfuyo.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Thembeka Mbele uthe lilodwa icala lokwebiwa kwemfuyo elavulwa ngoJanuwari nonyaka, alikho elavulwa ngo-Ephreli nonyaka.
Uthe abanalo ulwazi ngokunyuka kwezigameko zokwebiwa kwemfuyo kule ndawo ngoba lilodwa kuphela icala elivuliwe esiteshini saseMsinga.