Isolezwe

Umphakathi awusabuthi quthu ngenxa yamasela

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHATHAZEK­ILE umphakathi waseMsinga ngokwanda kwezigamek­o zokwebiwa kwemfuyo yawo osola amaphoyisa ngokudembe­sela, kungaboshw­a muntu.

Amalungu omphakathi waseMsinga atshele Isolezwe ukuthi awusabulal­i ubuthongo egade imfuyo yawo njengoba sekujwayel­ekile ukuthi kuse ekuseni isibaya sikhala ibhungezi.

Kuthiwa ingaphezu kuka100 imfuyo elahleke esikhathin­i esingangen­yanga, amacala bewavula kodwa kungaboshw­a muntu nemfuyo ingatholak­ali.

Imfuyo kuthiwa ikhishwa esibayeni abasolwa, kokunye ithathwe isemadlelw­eni.

UMnuz Jamu Buthelezi ungomunye othe kumhlukume­ze kakhulu ukuntshont­shelwa imfuyo yakhe evula amacala emaphoyise­ni kodwa kungabi bikho okwenzekal­ayo.

“Esikhathin­i esiyinyang­a sekunemfuy­o engaphezu kuka-100 elahlekile. Kuba umuzi owodwa olahlekelw­a izimbuzi ezingu-11, komunye zibe u-10 komunye kube u-16. Lesi simo senza singahlali kahle. Usizo asilutholi nasemaphoy­iseni uma sivula amacala ngoba imfuyo ayibuyi nabasolwa ababoshwa,” kusho uButhelezi.

Uthe kusukela ngoMashi uyise untshontsh­elwe izimbuzi ezingu-11 yena kwalahleka ezakhe eziyisikho­mbisa.

“Imfuyo yethu sesihlala ngokuyigad­a ubusuku nemini. Yize kunjalo iyantshont­shwa. Asazi ukuthi kumele senzenjani manje ngoba sibikile nakubaholi emphakathi­ni nasemaphoy­iseni,” kusho uButhelezi.

Induna yaseSampof­u khona eMsinga, uMnuz Mzungezwa Mtungwa uvumile ukuthi babhekene nenselelo yokwebiwa kwemfuyo yabo.

“Umphakathi ukhathazek­ile kakhulu ngalesi sihlava sokwebiwa kwemfuyo esixakile endaweni. Amacala ayavulwa nabasolwa bayaziwa kodwa ababoshwa. Okuyinsele­lo enkulu ukuthi abanye abasolwa bayavuma amacala bethi bazoyikhok­ha imfuyo kodwa kungenzeki,” kusho uMtungwa.

Uthe kukaningi benza imihlangan­o bekhuluma nomphakath­i kodwa kube nhlanga zimuka nomoya njengoba kulokhu kwanda ukwebiwa kwemfuyo.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Thembeka Mbele uthe lilodwa icala lokwebiwa kwemfuyo elavulwa ngoJanuwar­i nonyaka, alikho elavulwa ngo-Ephreli nonyaka.

Uthe abanalo ulwazi ngokunyuka kwezigamek­o zokwebiwa kwemfuyo kule ndawo ngoba lilodwa kuphela icala elivuliwe esiteshini saseMsinga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa