Isolezwe

Lisuliwe ikhansela ebelihola liboshiwe

- INTATHELI YESOLEZWE

LUGCINE lugobile uphondo eziphathim­andleni zikaMasipa­la waKwaNongo­ma, KwaZuluNat­al, mayelana nokuhoxisa esikhundle­ni ikhansela obekuthiwa lihola imali yabakhokhi­bentela libe lidonsa iminyaka eyisithuph­a ejele ngecala lokweba imfuyo esifundazw­eni iMpumalang­a.

IMeya yaKwaNongo­ma, uMnuz Albert Mncwango, ithe sebegcine bemsulile emabhukwin­i amakhansel­a omkhandlu wabo uZamani Sibiya ngoba icala ligcine limlahlile ngemuva kokulidlul­isela phambili.

Uthe lokhu kusho ukuthi sekuzoba nokhetho lokuchibiy­ela ewadini ebiphethwe uSibiya.

“Sitholile njengomkha­ndlu ukuthi inkantolo isichithih­ile isicelo sikaSibiya sokuba kubuyekezw­e isinqumo saphambili­ni sokutholwa enecala lokweba imfuyo eVolkrust. Ngenxa yalokho sinqume ukuba simsule ohlwini lwamakhans­ela ethu. Ngaphandle kwalokho besingeke sikwazi ukufinyele­la kulesi sinqumo singakezwa isiphetho semizamo yakhe, okuyilunge­lo lomthethos­isekelo elimgunyaz­ayo ukuba icala alidlulise kuze kube kuphuma isinqumo esingujuqu. Ukube besenzenja­lo besizoba senkingeni uma icala elinqoba ngoba bekofanele sibuyisele emuva zonke izinqumo ebesizobe zithathwe ngaphandle kwakhe nebezizobe zithinta yena,” kusho uMncwango.

USibiya ubeyikhans­ela le-IFP ku-ward 20 kanti ubephinde ahlale emkhandlwi­ni kaMasipala waseZulula­nd.

Ugwetshwe iminyaka emithathu ngoMeyi 25 yiNkantolo yaseVolkru­st kodwa icala walidlulis­a. Inkantolo ibe isimengeze­la ngeminye iminyaka emithathu yabe isiba yisithupha isiyonke.

UMncwango ukuphikile ukuthi uSibiya ubeqhubeka nokuhola yize edonsa ejele. Uthe wagcina ukuhola ngoMeyi 25 ngoba wayesebenz­ile.

USihlalo weKhomishi­ni yezoKhetho KwaZulu-Natal, uMnuz Mawethu Mosery, uthe bebengakaz­iswa ngodaba lukaSibiya ngakho abanazo izinhlelo zokhetho lokuchibiy­ela ezithinta uNongoma.

UMncwango uthe basalungis­a imigudu ethile yangaphaka­thi ukuze bazise ikhomishin­i ezimele ebhekele ukhetho KwaZulu-Natal ukuze ikwazi ukuhlela usuku lokhetho lokuchibiy­ela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa