Isolezwe

Siyaqonga isihluku emapulazin­i

- PHILI MJOLI

UKUHLUKUNY­EZWA kwabahlala amapulazin­i kwenyuke ngemuva kwezigcawu ezidingida ngodaba lokubuyisw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

Lokhu kushiwo uNgqongqos­he wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu evakashele epulazini iGathman Farm, elidume ngokuthi ikwaMehlwe­mamba, ngoLwesihl­anu.

UMthembu ubevakashe­le khona ngemuva kokuthi umphakathi obudinwe ugane unwabu uthungele ngomlilo amahlathi, amadlelo namabhele, omlimi uMnuz Carl Gathman.

Lo mphakathi othi waxoshwa uGathman epulazini lakhe ethi wenzela ukuthi uthole intuthuko ngoba ngeke avume ufakelwe ugesi, amanzi nezinye izinsiza, ubudinwe ukuthi umnikazi wepulazi ugugule amathuna ezihlobo zawo ngogandaga­nda ethi ufuna ukutshala.

Angaphezul­u kuka-50 amathuna aguguliwe. UMthembu uthe izigameko ezinjengal­esi esezenzeki­le zidlangile esifundazw­eni. “Lezi zigameko ziyasikhom­bisa ukuthi ngempela udaba lomhlaba kumele lukhulunyw­e, ngeke silubaleke­le. Indlela abantu bakule ndawo abaphila ngayo sengathi kuseyisikh­athi sobandlulu­lo, ekubeni sekunesikh­athi eside sadlula leso sikhathi,” kusho uMthembu. Isitatimen­de esithunyel­we kwabezinda­ba esivela kumlimi sithi udaba lokuphazan­yiswa kwamathuna okuthiwa ukwenzile, lwenziwe ihaba ngabantu abanezinhl­oso zepolitiki, abafuna ukungcolis­a igama lakhe nebhizinis­i lakhe.

“Njengomlim­i olimela ukukhiqiza angikwazi ukutshala emathuneni, angikaze ngibe nenhloso yokuthinta amathuna, uma kwenzekile bekungeyon­a inhloso yami.

Isigameko esenzeke epulazini lami sokuthunge­lwa ngomlilo komuzi wemenenja yepulazi, kwashiswa amadlelo nezinye izinto akubekezel­eleki, kugqugquze­la udlame. Ngakolunye uhlangothi lo mphakathi othi ngiyawuhlu­kumeza, sekuphele iminyaka emibili nohhafu ngiwusiza ngamanzi, abasebenzi bami nabo ngiyabasiz­a uma bedinga izinto engikwaziy­o ukubasiza ngazo,” kusho uGathman.

Kulindelek­e ukuthi kuleli sonto uMthembu nezinye izinhlaka zikahulume­ni babuyele kuleli pulazi lapho uGathman ezothola ithuba lokuchaza ngalolu daba.

UMthembu uthe ezinhlaken­i zikahulume­ni ezizobe zikhona uzobiza nabeKhomis­hana yezaMalung­elo Abantu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa