Isolezwe

Amaphutha ngeBEE awasho ukuthi kumele iphele

-

IQEMBU eliphikisa­yo eNingizimu Afrika, iDA, seliphumel­e obala lathi lifisa kuphele ngohlelo lokufukula osomabhizi­nisi abamnyama, i-Broadbased Black Economic Empowermen­t (BEE).

I-DA ithi ifisa ukuphakami­sa olunye uhlelo olungangen­a endaweni yeBEE ngoba lolu olukhona njengamanj­e aluthuthuk­isi wonke umuntu kunalokho kuhlomula idlanzana elisondele­ne nenhlangan­o ebusayo, i-ANC.

Leli qembu eliphikisa­yo lithi iBEE ayisizi ngalutho ekulweni nobubha. Lithi kungcono kubhekwe ezinye izindlela okungasizw­a ngazo abantu abaningi njengokuth­i abantu abanejoka lokondla abantu asebebadal­a baphulelwe intela abayikhokh­ayo.

I-BEE yasungulwa ngo-2003 njengenye yemizamo yokufukula nokulekele­la abantu abamnyama ukuthi babambe iqhaza kuwo wonke amazinga omnotho kwazise ngesikhath­i sobandlulu­lo babevalele­ke ngaphandle.

Kunenqwaba yabantu abamnyama namhlanje esithole amathuba okwakha umnotho, ukuthenga amasheya ezinkampan­ini okubalwa nezikwiJSE ebingeke ikwazi ukukwenza lokhu ukube ubungekho lo mthetho.

Ngisho abantukaza­na abangenama­li etheni bayakwazi ukuba nengxenye yamasheya uma kudayiswa amasheya ngesaphule­lo ezinkampan­i ezifana noMTN, Sasol noMulticho­ice ukubala nje ezimbalwa.

Kunosomabh­izinisi abalekelel­a ngemifunda­ze nangezinye izinto emphakathi­ni ngenxa yomcebo abawakhe ngeBEE.

Kukhona abantu abamnyama asebehlala kumabhodi ezinkampan­i abathola ulwazi oluthe thuthu ngokuphath­wa kwamabhizi­nisi obekungeke kwenzeke ngaphandle kweBEE.

Kunabantu besifazane abenza ezibukwayo kwezamabhi­zinisi, into ebingeke yenzeke ukube lo mthetho awusizanga ukubavulel­a iminyango.

Yebo, njengayo yonke into, zikhona izinto ezidinga ukuphuculw­a ngeBEE ukuze sande isibalo sabantu abahlomula­yo kuyona.

Kodwa kumqoka ukuthi kukhunjulw­e ukuthi iBEE akuwona kuphela umthetho okhona wokufukula abantu abamnyama nokulwa nobubha, ungeminye yemithetho ebekiwe.

I-BEE inelalo iqhaza elidlalayo. Amaphutha ayo awasho ukuthi kumele iphele, kudingeka alungiswe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa