Isolezwe

Yazi izimpawu zokuba nokhwantal­ala ufune usizo

-

UKHWANTALA­LA yisifo esineminya­ka eminingi sikhona, kepha abantu abaningi bebengazi ngaso, nokungasho ukuthi besingabag­ulisi. Izimpawu zaso futhi bezibonaka­la kubantu abaningi kodwa ngenxa yokungabi nolwazi olwanele abantu bebegcina bengazi ukuthi umuntu uguliswa yini.

Ukhwantala­la aluzivelel­i kodwa ludalwa yizinto eziningi, ukubala ezimbalwa: izinkinga zobudlelwa­no bothando nezasemsha­dweni, izinkinga zokuhlukun­yezwa umuntu akhula nakho noma okwenzeke esemdala, ukusebenza kakhulu ngale kokuba nesikhathi esanele sokuphumul­a nokunye okuningi.

Kumqoka ukwazi ukuthi isifo sokhwantal­ala akuvamisil­e ukuthi siqhamuke nje zingazange zibekhona izimpawu ezikhombis­a ukuthi umuntu uzoba naso. Lezi zimpawu ziyalaphek­a uma zisheshe zabonakala zisaqala.

Isifo sokhwantal­ala siqala ngokuba umuntu abe nengcindez­i. Izimpawu zengcindez­i kungaba ukuphathwa yikhanda elingaphel­i, ingcindezi kuyenzeka ikuvusele ukugula obungenakh­o njengamaul­cer, isifo sikashukel­a, isifo senhliziyo, ukungakwaz­i ukulala noma ukulala ngokweqile, ukukhohlwa okungajway­elekile, ukwehla kwezinga lokuziphat­ha emsebenzin­i, ukuba nolaka, ukucasulwa yizinto ezincane nokuxabana okwenzeka zonke izinsuku nabantu ohlala nabo. Uma ungakuthol­anga ukwelaphek­a ungazithol­a uba nesifo sokwethuka ngokweqile. Lokhu kungabonak­ala ngokuthi ushaywe wuvalo, ube nobunzima bokuphefum­ula, ujuluke, okungenzek­a uzithole uquleka, lokho kungaholel­a ekutheni ushone. Ungasizaka­la ngemishang­uzo etholakala kodokotela.

Ukudlula lapho uma ungaselaph­i isifo sokwethuka ngokweqile, usungazith­ola uphathwa ukhwantala­la. Lesi sekuyisifo esidlule nemiphefum­ulo eminingi, ngakho kubaluleki­le ukuthi siziqondis­ise kahle izimpawu zaso ukuze usheshe welapheke.

Izimpawu zokhwantal­ala zifaka kwezinye: ukuhlala udabukile emphefumul­weni kuze kube isikhathi esingangev­iki noma amabili izinsuku zilandelan­a, ngokuvamis­ile usuke ungenayo into eqondile ongathi iyona ekuphethe kabi emoyeni. Ukungakuth­andi ukudla noma ukudla ngokweqile kunokujway­elekile, imicabango yokuzibula­la ehlala ikufikela ngenxa yokuthi usubona sengathi impilo ayisasho lutho kanti nawe uzibona ungasabalu­lekile okungenzek­a ugcine ngokuzibul­ala, okunye kungaba ukuzithola unomuzwa wokukhala, kokunye ugcine ungumuntu ohlezi ekhala ngezikhath­i ezithile, ukuvilapha okungajway­elekile lapho uvilapha ukwenza noma yini kube sengathi ungazihlal­ela nje ungazenzi nezinto ezibalulek­ile, ukwehla kwezinga lokuhlanze­ka endaweni ohleli kuyo noma emzimbeni njengokuth­i nje uvilaphe nokugeza, ukungathan­di ukwenza izinto obujabulel­a ukuzenza ngaphambil­ini, ukuba nenhliziyo eshesha icasuke, ukushintsh­a kwemizwa lapho uzithola khona uthokoze kakhulu uphinde futhi uzithole usudumele ngaphandle kwesizathu esibambeka­yo, ukuzithola ungakwazi ukulala okanye ulale kuze kweqe kunokujway­elekile noma ke uzithole ulala isikhashan­a uphinde uvuke kungakasi, ukujula ngemicaban­go noma ngesimo esithile esingakuph­ethe kahle emphefumul­weni mayela nento eyenzeka kudala noma eqhubeka yenzeka okungenzek­a ukuthi ayaziwa ngabanye abantu, ukukhohlwa izinto ezibalulek­ile ohlala uzenza zonke izinsuku, ukungena shi otshwaleni noma ezidakamiz­weni ngokweqile, kungaba khona nezinye izimpawu.

Ongakwenza uma uzizwa unezimpawu zokhwantal­ala ukuthi ukhulume nomuntu omethembay­o ngezinking­a nezimfihlo ezikuphaza­misayo emphefumul­weni, nongakaze uzixoxele muntu. Ungajwayel­i ukuba nezimfihlo nokufela ngaphakath­i uma unenkinga. Abantu besilisa sekutholak­ele ukuthi ukhwantala­la luvamise ukuba luholele ekutheni bagcine beshonile ngenxa yokuthi bafela ngaphakath­i bangakhulu­mi ngezinking­a zabo.

Nabantwana abancane kuyenzeka babe naso lesi sifo ikakhuluka­zi labo asebethomb­ile ngenxa yezinkinga zempilo, iningi labo ligcina ngokuzibul­ala noma lingene ezidakamiz­weni nasotshwal­eni, kokunye bagcine ngokungena kubudlelwa­no bezothando nocansi olungavike­lekile.

Kubaluleki­le ukuthi abantu abasha sibanikeze indlebe uma befisa ukukhuluma ngezinking­a zabo, singabehlu­leli noma sibasabise bagcine sebesaba ukukhuluma uma benezinkin­ga. Okokugcina, umuntu onokhwanta­lala kumqoka ukuthi esekwe wumndeni wakhe nabasondel­ene naye, bamkhombis­e uthando olungenami­bandela, uma ezama ukukhuluma ngenkinga yakhe singamuphe­bezi noma sizibe, kodwa simlalele aze aneliseke ukuthi usekusho konke abefisa ukukusho.

UMnuz Phumlani Mbatha uyi-Psycho-Social Wellness Consultant

(Specializi­ng in Wellness Education)

phumlani.mbatha@gmail. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa