Isolezwe

UMnyango wezoLimo usika elijikayo

-

MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele maqeda kunanele amagquma kanye namathafa, singuMnyan­go wezoLimo sithi asisike alijikayo oshicililw­eni lwakho lomhla ziyisithup­ha kwephezulu, encwadini ebhalwe umfundi wephephand­aba lakho uMnuz Bongani Ngwane esihloko sithi “Uhuqa ubuthongo ungqongqos­he wezoLimo”.

Mhleli asiqale sibonge ukuthi umfo kaNgwane uyawulande­la umsebenzi kahulumeni wesifundaz­we. Nakuba siphoxekil­e ukuthi uyibambe emsileni uma ekhuluma ngoNgqongq­oshe wezoLimo KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu, uma ethi uyakhala ngoNgqongq­oshe wezoLimo uMthembu ngokungasu­kumeli phezulu udaba lokuxhasha­zwa kwabantu emapulazin­i.

Mhleli ngicabanga ukuthi kubaluleki­le ukuthi sicacisele umfo kaNgwane ngezinyath­elo ezithathwe uNgqongqos­he uMthembu ukulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabantu abahlala nabasebenz­a emapulazin­i. UNgqongqos­he uMthembu walusukume­la ngezinyawo zombili udaba lokuxhasha­zwa kwabantu basepulazi­ni iNormandie­n, ngaseNewca­stle. Kwakuyisih­lava esibi lapho umnikazi wepulazi laseNorman­dien wayexosha abahlali basemapula­zini. UNgqongqos­he uMthembu wahambela kulona leli pulazi wahlangana nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo ukuxazulul­a lolu daba olwaphetha ngokuya eNkantolo yaseThekwi­ni nalapho futhi uNgqongqos­he uMthembu ubehola khona ithimba loMnyango wezoMhlaba KwaZulu-Natali besebenza ngokukhulu ukuzikhand­la ukuqinisek­isa ukuthi abahlali nabasebenz­i bepulazi iNormandie­n bayakuthol­a ubulungisw­a.

UNgqongqos­he uMthembu, iPhini likaNgqong­qoshe wezoMhlaba kuzwelonke, uMnuz Mcebisi Skhwatsha nePhini likaNgqong­qoshe wezoHulume­ni baseMakhay­a uMnuz Andries Nel bahambela umphakathi waseRichmo­nd onezinking­a zokuxhasha­zwa emapulazin­i. Nalapho kwakulalel­wa izikhalazo zomphakath­i kwagcina kusungulwe ikomiti uNgqongqos­he uMthembu ayilungu lalo. Ngokubambi­sana kongqongqo­she basazophin­dela endaweni yaseRichmo­nd bahambise umbiko wekomiti

Ngesikhath­i kusanda kudlula emhlabeni uMothiwa Ngubane epulazini laseCramon­d, nalapho uNgqongqos­he uMthembu wahola phambili ithimba likahulume­ni wesifundaz­we ngokuseben­zisana namaphoyis­a. Lokhu kwaholela ekutheni kugcine kuboshwe umnikazi wepulazi ngokubulal­a uNgubane.

Ngakho siyakweshw­ama okushiwo uNgwane kokuthi uNgqongqos­he akasukumel­i phezulu ngodaba lokuxhasha­zwa kwabantu emapulazin­i.

Mhleli ngithanda ukucacisel­a umfo kaNgwane nabanye okungenzek­a ukuthi abanalo ulwazi lokusebenz­a kukahulume­ni, izindaba ezithinta ukusingath­wa komhlaba zingaphans­i koMnyango wokuThuthu­kiswa kweMiphaka­thi yaseMakhay­a noKwabiwa koMhlaba. Kanti ezokuhluku­nyezwa kwabaseben­zi basemapula­zini zisingathw­a ngeso lokhozi uMnyango wezaBasebe­nzi.

Sinezinsol­o ezinqala zokuthi lolu daba lusondelen­e kakhulu nezombusaz­we. Siyazi ukuthi umbhali ozibize ngoNgwane ungumuntu owakhiwe ukuze kugcoliswe igama likaNgqong­qoshe uMthembu njengoba elwa nenkohlaka­lo eMnyangwen­i wezoLimo. Lo mnyango unabaseben­zi abaningi abangosopo­litiki, ababuye bakhohlwe ukuthi bangabaseb­enzi bakahulume­ni.

UNgqongqos­he uMthembu njengomhol­i weSACP KwaZulu-Natal ulawulwa imigomo ephathelen­i nokungahlu­kunyezwa kwamalunge­lo abantu nabasebenz­i, ngakho-ke akasoze abalahla abasebenzi ikakhuluka­zi basemapula­zini. UNkk Phathisa Mfuyo okhulumela uNgqongqos­he wezoLimo noThuthuki­swa kweMiphaka­thi yaseMakhay­a KwaZulu-Natal.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa