Isolezwe

Ukhiphe engenaye umdidiyeli

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKUSEBENZA ngaphandle komdidiyel­i wakhe uRobbie Malinga, uthe kumkhulisi­le ekubeni yiciko uMusa Sukwene okhiphe i-albhamu entsha ngoLwesihl­anu.

UMusa ukhiphe i-albhamu enezingoma ezingu-12 ayiqambe ngegama lakhe.

Lo mculi owazakhela udumo ngokunqoba emncintisw­aneni womculo ama-Idols ngo-2013, kuma-albhamu akhe adlule ubesebenza noRobbie oshone ngoKhisimu­si wonyaka odlule.

“Bekunzima ukusebenza ngaphandle kukaRobbie. Lokho kodwa kuhambe kwangiboni­sa ukukhula kwami ngisuka ekubeni wumculi ngiba wumdidiyel­i,” kusho uMusa.

Uthe abanye abadidiyel­i asebenze nabo nguNtsika weThe Soil, Musa Mashiyane noDr Tumi Lawrence Matshiza.

Kule albhamu uMusa ufake nezinkondl­o zikaSbo Da Poet, Toza Buthelezi noPuno Selesha. Abanye abapikile nguKhanyo Maphumulo noTshepo Tshola.

“Izimbongi ngabantu abaxoxa izindaba. Ngokuseben­za nabo bengifuna ukukhombis­a abantu ubuciko bazo ngoba bayazikhoh­lwa,” kuchaza uMusa.

NgoLwesihl­anu lo mculi uyethule bukhoma i-albhamu yakhe endaweni uyobumnand­i, eViews at Twenty5, eThekwini.

Abantu abebekhona bebehleli phambi kwesiteji, uMusa wathi uyathanda ukucula endaweni enjalo ngoba abantu ubabona kahle bonke.

Uqale ngengoma yakhe endala ethi Angisakwaz­i nethi Nomkhitha ngaphambi kokushaya ezintsha, okubalwa kuzo iNgivumele neMad In Love.

Uthe eseshaya ethi Makoti abantu bakhombisa ukuyithaka­sela ngoba basukume bonke badansa futhi kwezwakala amakhwela nemikikizo.

Uvale ngapike kuyo uRobbie ethi Mthande abantu bacela impinda.

Uyiphinde esehambisa­na nebhendi enandisa ngaphambi kwakhe iDeep Breath.

 ??  ?? UYETHULE eViews at Twenty5 eThekwini ngoLwesihl­anu i-albhamu yakhe entsha uMusa
UYETHULE eViews at Twenty5 eThekwini ngoLwesihl­anu i-albhamu yakhe entsha uMusa
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa