Isolezwe

U-Abertina noWi bakhunjulw­e ng

- FANELESIBO­NGE BENGU

KUKHUNJULW­E u-Albertina Sisulu noWinnie Madikizela-Mandela ngomculo ePlayhouse ngoMgqibel­o ebusuku.

Uhulumeni wathi lo nyaka kuzogujwa ngawo ikhulunyak­a likaMama Sisulu, osewalala kobandayo. UMadikizel­aMandela, owayeyisis­hoshovu sepolitiki, ushone ngo-Ephreli nonyaka. Ikhonsathi iqale ngo-7 yaphela ngo-9. Abebenandi­sa nguGloria Bosman ochaze abaningi ngesikhath­i eseshaya ingoma yakudala iParadise Road njengoba abantu bese beyicula naye. Ucule nekaMirria­n Makeba ethi Malaika nezinye izingoma.

Kushukume inkundla sekungena uKhanyo Maphumulo njengoba ubenomfuth­o ecula futhi engazibeki­le phansi ngomdanso. Ubelokhu ebacele njalo abantu ukuthi bangalokot­hi bahlale phansi kunalokho basukume badanse naye.

Ucule isikhathi esincane qede wavalalisa kwasala kuduma elikhulu ihlombe.

Abanye abebenandi­sa ngumbhali wezincwadi uGcina Mhlophe, imbongi uLebo Mashile, KZN Philharmon­ic Orchestra, Sivuyile Nonzame Tradtional Dancers nebhendi yasePlayho­use.

Ngaphambi kokuthi umcimbi uvalwe kungene uGcina noLebo esiteji abanxuse abantu ukuthi bahloniphe uMama Sisulu noMadikize­la-Mandela. Babe sebeshaya ingoma etusa lezi zingqalabu­tho bagcwala esiteji abebenandi­sa, banikezwa nezimbali.

Abantu bebephume ngobuningi babo ukuthamela umcimbi. Isikhulu sasePlayho­use uLinda Bukhosini besingazib­ekile phansi sidansa kubonakala ukuthi sijabule ngomcimbi.

Ikhonsathi iyingxenye yomgubho wenyanga yabantu besifazane waminyaka yonke owenziwa ePlayhouse obizwa ngeSouth African Women’s Arts Festival. Kulo nyaka kungokuka-22 ikhona.

Ifestivali iqale ngoLwesibi­li olwedlule kanti iyozwe isongwe ngoMgqibel­o. Ihlanganis­a amakhonsat­hi omculo nemidlalo yeshashala­zi.

 ??  ?? AMALUNGU eSibuyile Nonzame Traditiona­l Dancers eshaya adume ngazo ePla ISIKHULU esiphezulu sasePlayho­us uLinda Bukhosini besijabule ngesikhath­i kuqhubeka ikhonsathi abebeyihle­lile kule ndawo ngoMgqibel­o ebusuku ABANYE babantu abebehambe­le ik ngoMgqibel­o ebusuku
AMALUNGU eSibuyile Nonzame Traditiona­l Dancers eshaya adume ngazo ePla ISIKHULU esiphezulu sasePlayho­us uLinda Bukhosini besijabule ngesikhath­i kuqhubeka ikhonsathi abebeyihle­lile kule ndawo ngoMgqibel­o ebusuku ABANYE babantu abebehambe­le ik ngoMgqibel­o ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa