Isolezwe

Uzophusha umculo wakhe phesheya

- FANELESIBO­NGE BENGU

UZOSABALAL­A zonke izinkalo ngisho naphesheya kwezilwand­le ephusha umculo wakhe uDJ Merlon obegubha usuku lokuzalwa endaweni yobumnandi iRich Durban ngoMgqibel­o ebusuku.

UMerlon, obehlangan­isa iminyaka ewu34 kule ndawo eseSpringf­ield Park, uthe ngeke enze umjikelezo wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa kunalokho uzokwenza owokuphush­a ingoma yakhe entsha ethi Thembalami ayishaye noMondli Ngcobo noSoul Star. Itholakala kwi-albhamu yakhe ethi Pure Black.

“Ngizohambe­la amadolobha ahlukene ngiphusha iThembalam­i ne-albhamu. Kuleli sonto nje ngizobe ngiseKapa ngiyophush­a khona bese ngilungise­lela ukuya eLondon ngo-Agasti 24,” kusho uMerlon.

Uthe ngeke aye eLondon kuphela ngoba zikhona nezinye izindawo asazoziham­bela.

Kuze kwashaya u-12 ebusuku emcimbini wakhe kungakagcw­ali kodwa kuthe kushaya o-1 entathakus­a abantu bese befikile.

Abaculi basebenzis­e umcimbi wakhe ukuphusha izingoma zabo ezintsha. Yena ushaye bukhoma iThembalam­i noMondli noSoulstar kwathi uL’vovo Derrango waphusha ethi Iyavaya apike kuyo uProfessor noDr Malinga. UMampintsh­a yena ucule iSiyabatha­ndazela ezophuma maduze.

Abanye abebenandi­sa ngo-Argento Dust, DJ Wonder Sokhulu nabanye kanti bekukhona nomphathi wezinhlelo waseMpange­ni, Ematshana, uJabulani Shandu .

“Kuhambe kahle konke. Ngiyabonga kubantu ngokungese­ka. Ngiwumfana waseMbumbu­lu owenza izinto ezinkulu edolobheni futhi manje ngibheke eLondon. Lukhulu luyeza,” kusho uDJ Merlon.

Khonamanja­lo, beziphendu­ka nasendawen­i yobumnandi entsha iThe Beat kuMathews Meyiwa Road (Stamford Hill). Bekunomcim­bi iGirl Power obekuboshe­lwe kuwo oDJ besifazane uDJ Le Soul, Black Power, Happy Gal noMiss K.

NgoLwesith­athu ebusuku kwakunomci­mbi wokwethula iGirl Power okwakugcwe­le kuwo abalingisi bomdlalo we-e.tv, Imbewu: The Seed.

 ??  ??
 ??  ?? house, eThekwini, ngoMgqibel­o ebusuku UBENGAZIBE­KILE phansi ecula aze adanse uKhanyo Maphumulo ePlayhouse ngoMgqibel­o ebusuku honsathi yomculo ebisePlayh­ouse
house, eThekwini, ngoMgqibel­o ebusuku UBENGAZIBE­KILE phansi ecula aze adanse uKhanyo Maphumulo ePlayhouse ngoMgqibel­o ebusuku honsathi yomculo ebisePlayh­ouse
 ??  ?? UMONDLI Ngcobo, L’vovo, Soul Star, DJ Merlon no-Andile Mxhakaza beseRich Durban ephathini kaMerlon UDJ Happy Gal edlala eThe Beat ngoMgqibel­o ebusuku
UMONDLI Ngcobo, L’vovo, Soul Star, DJ Merlon no-Andile Mxhakaza beseRich Durban ephathini kaMerlon UDJ Happy Gal edlala eThe Beat ngoMgqibel­o ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa