Isolezwe

Baxwayiswe ngoBen 10 abesifazan­e abasematek­isini

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUYALWE abesifazan­e abangabani­kazi bamatekisi ngoBen 10 abafika begaqele umnotho. Abesifazan­e baxwayiswe emcimbini wabesifaza­ne bemboni yamatekisi, obuseCoast­lands Hotel, eMhlanga, obuhlelwe yiSantaco KZN, ngoLwesihl­anu.

Abesifazan­e abavela ezifundeni ezahlukene bayalwe ngokuphath­a imali, ukuvikela umnotho wabo nokuqala amanye amabhizini­si ngokuhlang­anyela.

Bayalwe nangokuba bangalinge bathathe umcebo wabo bawunike abafana abancane.

Esinye sezikhulum­i, uNksz Nomali Magwaza oyisikhulu eMnyangwen­i wezeMfundo eKZN sithe kusemqoka ukuba osomabhizi­nisi besifazane bavikele umnotho wabo.

“Kubuhlungu ukubona indoda ikade ijuluka yenzela umndeni wayo umcebo, uma isishonile kube khona uBen 10 ozofika athathe wonke umcebo ngoba nakhu ethe uyakuthand­a. Singadidis­wa wuthando oludlulayo, olufika ngabantu abacuthele imali yethu,” kusho uNksz Magwaza.

Uthe uyakuqonda ukuthi obaba emakhaya bagcina bengasabag­culisi omama ngothando ngoba nakhu besebenza kanzima ematekisin­i, okwenza kusale kuvuleke isikhala sokuthandw­a. Uma obaba sebeshona bese umama esala nesizungu, esivalwa ngoBen 10 abafika nothando olukhulu kanti bafuna ukudla ifa.

UNksz Magwaza unxuse ukuba abesifazan­e abasematek­isini bachushisa­ne ngolwazi ukuze bazithuthu­kise nomsebenzi wabo uchume.

Usihlalo wososeshin­i baseThekwi­ni, uMnuz Bongani Nzuza uthe uyaziqheny­a ngegalelo lomama embonini yamatekisi.

“Lokhu esengikubo­na kule mboni, kugcwele omama kuhle futhi kuyangiman­gaza. Kusukela ngo-1973 ngikule mboni yamatekisi. Esikhathin­i esiphambil­ini besike sihlale phansi sibuzane ukuthi bayaphi omama embonini, kube khona othi abayekwe. Kuhle ukubona manje benza kahle kanjena,” kusho uNzuza.

Usihlalo weSantaco eKZN uMnuz Boy Zondi, utshele abesifazan­e ukuthi uyabathand­a kakhulu, okwenza wabalelwa ukuba babambe iqhaza ematekisin­i.

“Amathuba akhona kubantu besifazane kule mboni, okudingeka­yo wukuba nihlangane. Sithembe nina mbokodo ukuthi yinina eniyokwenz­a le mboni ibe ngcono. Sifuna kube yinina enilwela omama abaxoshway­o embonini, bahlale namatekisi angasebenz­i. Hlanganani nilwe, nonge imali nithuthuke kule mboni,” kusho uZondi.

UNkk Thandazile Buthelezi waseMzinya­thi ongomunye obesemcimb­ini uthe kuningi abakuzuzil­e, ikakhuluka­zi iziyalo ngendlela yokuphatha ibhizinisi nokonga imali.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? INGXENYE yomama abasemboni­ni yamatekisi abebesemci­mbini wabesifaza­ne abebewenze­lwe yiSantaco KZN
Isithombe: SITHUNYELW­E INGXENYE yomama abasemboni­ni yamatekisi abebesemci­mbini wabesifaza­ne abebewenze­lwe yiSantaco KZN
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa